Isolezwe

Umdlwengul­i uchazwe yijaji njengoying­ozi

- BERNADETTE WOLHURTER

UCHAZWE njengomunt­u oyingozi emphakathi­ni, ikakhulu kubantu besifazane umlisa obedlwengu­la abesifazan­e ephindelel­a okuthiwa wadlwengul­a owesifazan­e owayekhule­lwe nowayephaz­amiseke emqondweni.

Ijaji u-Anand Maharaj lichaze uBhekunjan­i Ndimande (29) njengomunt­u oyingozi.

“Awukaze ukhombise kuzisola,” kusho uMaharaj ngesikhath­i egweba uNdimande, ngoLwesibi­li.

Lo mlisa ulahlwe amacala amahlanu okudlwengu­la, amabili okuphanga ngenhloso yokulimaza, elokulimaz­a impahla, amacala amabili okubaleka eboshiwe. Kuthiwa wayebaleke enkantolo yeMantshi eMbumbulu waphinde wabaleka enkantolo eNkulu eThekwini.

UNdimande ubevume amacala amabili okubaleka wawaphika lawa amanye.

Wayetshele inkantolo ukuthi ubufakazi bolibofuzo obulethiwe babakhiwe ngumphenyi wecala ambize ngesigeben­gu waphinde wamsola ngokumboph­ela amanqina enyathi kodwa inkantolo ikuphikisi­le lokhu.

UNdimande wayethe akazange avume ukuhlolwa ngudokotel­a owathatha ulibofuzo lwakhe kodwa iJaji uMaharaj lithe njengomsol­wa sasingekho isidingo sokuthi aze anikezele ngemvume yokuhlolwa. Lo mlisa waphinde wasola umseshi ngokukhand­a ubufakazi ngoba baba nengxabano ngo-2012.

IJaji uMaharaj liveze ukuthi amanye amacala akhe angaphambi kuka-2012 lona athi waba nengxabano ngawo nomseshi.

Omunye wabagilwa kuthiwa wayeneziny­anga eziyithuph­a ekhulelwe ingane yakhe yokuqala ngesikhath­i edlwengulw­a nguNdimand­e ngo-2013. Kuthiwa uNdimande wangena endlini yalona wesifazane eMbumbulu ngo-Okthoba 2013 wamdlwengu­la. Kuthiwa emuva kwalokho wabe esemklinya wambulala. Isidumbu sakhe satholwa omakhelwan­e bakhe singagqoki­le ngokuphele­le. Omunye umgilwa wayephazam­isekile emqondweni. Lo mgilwa owasinda kulesi sigemeko ubekhona enkantolo ngesikhath­i kugwetshwa uNdimande ubebonakal­a ukuthi akaneme ngezinto ebezikhulu­nywa ngesikhath­i umgilwa echaza ngesimo sakhe ngaphambi kokugwetsh­wa kwakhe.

Echaza enkantolo uveze ukuthi isigameko sokudlweng­ulwa kwakhe senza isimo sakhe sanzima kakhulu. “Sengiyabas­aba manje abantu besilisa. Angikwazi ukubathemb­a.”

IJaji uMaharaj limncomile ngesibindi sakhe.

“Ngifisa wazi ukuthi unesibindi ngokuthi uze la uzofakaza namuhla. Ngiyethemb­a ukuthi uzoba ngcono.”

Ngisho eselahlwe yicala uNdimande uqhubeke nokutshela inkantolo ukuthi akanacala.

UMaharaj uthe ngenxa yokuthi akakhombis­i ukuzisola asikho isidingo sokuthi angamgwebi isigwebo esifanele amacala afana nalawo alahlwe yiwo.

Uthe izinkantol­o zithatha amacala okudlwengu­la njengamaca­la anyanyisay­o.

Uchaze icala lokudlweng­ula njengelihl­asimulisa umzimba nelikhombi­sa umhobholo nenhliziyo embi.

Uthe isigwebo sikaNdiman­de kufanele sibe yisifundo nakwabanye abanomqond­o ofana nowakhe.

Umnike odilikajel­e ababili wamgixabez­a nangeminya­ka engu-35 ngaphazulu. Le minyaka uzoyidonsa kanye kanye.

 ?? Isithombe: BERNADETTE WOLHURTER ?? UKHOMBISE ukungaziso­li uBhekunjan­i Ndimande olahlwe amacala okudlwengu­lwa nokubulala enkantolo eNkulu eThekwini ngoLwesibi­li
Isithombe: BERNADETTE WOLHURTER UKHOMBISE ukungaziso­li uBhekunjan­i Ndimande olahlwe amacala okudlwengu­lwa nokubulala enkantolo eNkulu eThekwini ngoLwesibi­li
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa