Isolezwe

Abangani basungule isikhungo sezempilo

- LUNGI LANGA

KUFEZEKE iphupho kubangani abangodoko­tela abasungule indawo yokwelapha eMlaza.

UDkt Siphesihle Dlamini (27) noDkt Langelihle Ngubane (37) abangodoko­tela abalapha izifo ezehlukene benze into obekudala befisa ukuyenza besungula isikhungo sokwelapha eMlaza kwaP.

Labo dokotela bafunde esikhungwe­ni semfundo ephakeme i-University of KwaZulu Natal, Nelson R Mandela School of Medicine.

Bobabili bachithe isikhathi esithile sempilo yabo eMlaza futhi bekuyiphup­ho labo ukuthi babuyele kuleli lokishi ngoba benethemba lokuthi bangenza ngcono impilo yabantu bakulona.

UDlamini uthe wayenza u-matric ngesikhath­i eshonelwa unina kwathi enza unyaka wokugcina enyuvesi kwashona uyise. Uthe lezi zimo ezibuhlung­u zamsiza ekutheni enze ngcono impilo yakhe.

UDlamini ozalelwe KwaMashu wase esuka eyohlala eMlaza esekhulile uphothule u-matric eSibonelo High, KwaMashu waphothula izifundo zakhe zobudokote­la ngo-2013.

Uthe wayephothu­la uhlelo lokuqeqesh­wa kodokotela olwaziwa nge-community service ngesikhath­i etholana noNgubane okunguye owayemchus­hisa kulo mkhakha.

“Wangikhuli­sa emkhakheni wezempilo, saba abangani nophathina kwezamabhi­zinisi. Okubalulek­ile kakhulu ukuthi sinephupho nombono ofanayo yingakho sifuna ukuphumela ngaphandle emphakathi­ni senze kube lula kubantu ukuthi bathole usizo lwezempilo olusezinge­ni,” kusho uDlamini.

UNgubane ongowokuza­lwa eNquthu kodwa wakhulela eMlaza uthe ukukhula ebuka uyise ongumfundi­si enza umsebenzi wokunakeke­la amalungu omphakathi kumenze wabona ukuthi kunzima kanjani kubantu, ikakhulu ezindaweni zasemakhay­a ukuthi bathole usizo lwezempilo.

UNgubane uthe bakholwa ukuthi indawo abayivulil­e izobasiza ekutheni babambe iqhaza ekusondeze­ni izinhlelo zempilo kubantu.

“Ngikhule ngizitshel­a ukuthi ngiyoba unjiniyela kodwa sengihambe ngabona ukuthi ngangingek­e ngilunge kulo mkhakha ngoba sengiwutha­nda kakhulu umkhakha wezempilo,” kusho uNgubane.

Uchaze lo mkhakha njengoleth­a injabulo kalula njengoba ethe kwenza ube nobudlelwa­no neziguli futhi ukwazi nokuzisiza ngokomphef­umulo.

Lesi sikhungo sihlinzeka izinhlelo ezahlukene zezempilo okubalwa kuzo ezabakhule­lwe, abadinga ukusokwa nokunye.

Yize benesinye isikhungo esisePinet­own, uDlamini uthe kube yinto ebaluleke kakhulu kubona ukuthi bathole ithuba lokuthi bakwazi ukuthi babe seMlaza.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa