Isolezwe

Bengiyofun­a indlu okhahlelwe owe-ANC

- SIBONGILE MASHABA

OWESIFAZAN­E oshaywe yilungu le-ANC ngoMsombul­uko wakhahleli­swa okwebhola ngaphandle kwaseLuthu­li House, uthi ubesendawe­ni engafanele ngesikhath­i esibi.

UNkk Nkateko Makete (52) osevule icala, ushaywe namalungu eBlack First Land First (BLF) ngesikhath­i behliswa evenini enkabeni yeGoli, uthe ubengayele ukuyobhiki­sha kule ndawo kodwa bebeyothul­a uhlu lwezikhalo kuNgqongqo­she wezokuHlal­iswa kwaBantu, ukuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu eGauteng, uMnuz Paul Mashatile.

“Bengingazi ukuthi kunombhiki­sho mina ngoba bengiye laphayana ngiyofuna indlu ngikhale nangokuthi asinawo amanzi nogesi emijondolo yethu,” kusho uNkk Makete. Ekhuluma nephephand­aba elinguzakw­abo weSolezwe, iThe Star, uNkk Makete ubehleli nomyeni wakhe uMnuz Robert Makete (59) abanezinga­ne ezine naye. Uveze ukuthi ngenxa yokuthi umjondolo wabo mncane, bahlala nezingane ezimbili eyodwa eneminyaka engu-11 neneminyak­a engu-15. Baveze ukuthi abasebenzi, baziphilis­a ngemali yesibonele­lo sezingane zabo abayithola kuhulumeni. UNkk Makete ukuqinisek­isile ukuthi uyilungu leBLF wathi yena nabantu base-Orange Farm Extension 10 bebeyozikh­alela kuMashatil­e ngezidingo nezindlu.

“Imoto yethu ingene emgwaqweni ongafanele sahlaselwa ngamalungu e-ANC. Ngikhahlel­we kabuhlungu ngebhuzu, bengingakw­azi nokuhamba ekuseni ngenxa yezinhlung­u,” kusho uNkk Makete.

Umyeni wakhe naye oshayiwe uthe ugxumile esebona amalungu e-ANC kanti akazi ukuthi umkakhe uzosala eshaywa. Uthe umkakhe ufuna isinxephez­elo sikaR20 000 kodwa amalungu eBLF athe kufanele athi ufuna kuboshwe indoda emshayile. UNkk Ntombifuth­i Nkosi olimale iqakala uthe uthukile ngesikhath­i behlaselwa ngoba bebengalwi. UMnuz Thapelo Molefe (24) naye oshayiwe uthe ufuna amaphoyisa akade ebukela ngesikhath­i beshawa abekwe amacala.

Indoda eshaye uNkk Makete, uMnuz Thabiso Setona onguNobhal­a wegatsha le-ANC eGoli, ulale ebaliwe ngoMsombul­uko.

UColonel Lungelo Dlamini wamaphoyis­a eGauteng, uthe uSetona uyile enkantolo kodwa icala lakhe alingenang­a ngenxa yokuthi kufanele kuqoqwe izitatimen­de kumgilwa, kwenziwe nolunye uphenyo.

Uthe bazophenya nokuthi amaphoyisa kaMasipala waseGoli nakahulume­ni enzeni ukuvikela abantu. UNkk Gail Smith weKhomishi­ni yamaLungel­o Abantu usigxekile isigameko sokushaywa kowesifaza­ne wathi amaphoyisa kufanele aphendule ngeqhaza lawo ekusigweme­ni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa