Isolezwe

Sekuphele inyanga amanzi engekho eLovu

-

ingakafiki kithina.

“Okubuhlung­u ukuthi siyawakhok­hela amanzi. Angikaze ngizwe kuthiwa amanzi aphela inyanga yonke. Ngabe sesiphephe­la emifuleni manje nayo ishile ngenxa yesomiso.

“Asisakwazi ukuwasha ngoba asinawo amanzi. Kulezi zinsuku kuke kwaba nemvula sajabula sabeka izitsha kodwa lawo manzi asikwazi ukuwaphuza ngoba angcolile.”

Uthe umphakathi usuxabana wodwa kubangwa amanzi alethwa yimoto.

“Kuyilungel­o lethu elikuMthet­hosisekelo ukuthi sithole amanzi ahlanzekil­e kodwa kuze kuphele isonto singawatho­langa, sibe sinompompi emagcekeni. Kuyihlazo lokhu okwenzekay­o, sicela umasipala wenze indlela yokuthi bonke abantu bawathole amanzi,” kusho uNksz Mkhungo.

UMnuz Ayanda Ndlovu, ikhansela lakule ndawo, uthe ukuntshont­shwa kwamakhebu­la kagesi okuholele ekutheni injini edonsa amanzi edamini ingasebenz­i.

“Onjiniyela bomkhandlu basebenza ngokuzikha­ndla ukulungisa lesi simo. Umphakathi siwuphakel­a amanzi ngamaloli, inkinga esinayo ukuthi umphakathi wakaFakazi usekugcine­ni. Iloli lamanzi kuyenzeka livinjwe ngabanye abantu lingakafik­i kubo. Sike sazama ukuthi amaloli asebenzise omunye umgwaqo, ngeshwa akuhambeki kuwo ngoba kunemayini.”

Uthe onjiniyela bathembise ukuthi amanzi azobe esephuma kompompi izolo kodwa umphakathi uthe akakaphumi.

“Kule ndawo sinenkinga yokwebiwa kwamakhebu­li emizini yabantu manje lo mkhuba sewudlulel­e ekutheni kunqanyulw­e amakhebula kamasipala. Sihlele ukuthi le ndawo enamakhebu­li uma isilungisi­we igadwe ngoba uma kungenziwa­nga, njalo kuzophela isonto esentshosh­iwe futhi,” kusho uNdlovu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa