Isolezwe

EyeTheku ihambele eKapa ngenkinga yamanzi

- MLUNGISI GUMEDE

IMEYA yoMkhandlu weTheku, uNkk Zandile Gumede, neNhloko yezaManzi kuleli dolobha Mnuz Ednick Msweli bahambele eCape Town ngenhloso yokuyocobe­lela ngolwazi leli dolobha ngezindlel­a zokulwa nesomiso sokuntulek­a kwamanzi.

I-Cape Town ingaphansi kwengcinde­zi njengoba intula amanzi.

Ngendlela isimo esibi ngayo kunengwadl­a yokuthi kube neDay Zero, lapho amanzi engezophum­a khona nhlobo kompompi.

UNkk Gumede noMsweli bebeyocobe­lela ngamasu okonga amanzi.

NeTheku like labhekana nenselelo yokuphela kwamanzi ngesikhath­i kwehla amanzi emadamini amakhulu.

Okhulumela uNkk Gumede, uMnuz Mthunzi Gumede, uthe imeya ephinde ibe yiPhini likaMengam­eli weSalga ibinomhlan­gano wezinsuku ezimbili weSalga eCape Town, oqale ngoMsombul­uko waphothulw­a ngoLwesibi­li, kubhungwa ngezinto eziningi kubalwa nodaba lwesomiso.

UGumede uthe iTheku like labhekana nenselelo yokushoda kwamanzi kodwa lakwazi ukusilawul­a isimo ngokuqhamu­ka namasu amaningi.

“Umasipala uqale uhlelo lokonga amanzi, uwanciphis­a nasebusuku, namanje lolo hlelo lusaqhubek­a,” kusho uGumede. Uthe ngaphandle kokunciphi­sa amanzi, basungule ne-call centre ebhekelele ukuxazulul­a izinkinga ezibikwayo ezithinta amanzi.

UGumede uthe kulo mhlangano weSalga bekukhona izimeya zemikhandl­u emikhulu kucotshele­lwana ngolwazi kuphinde kubhungwe ngamasu okuhambisa intuthuko emphakathi­ni.

 ??  ?? IMEYA yeTheku, uNkk Zandile Gumede
IMEYA yeTheku, uNkk Zandile Gumede

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa