Isibhuda sibhekene nolaka lokuhlukunyeza
ISITHOMBE ebesisekhasini lokuqala sifolose ngaso ephephandabeni langoLwesibili siyicacisa kahle inkinga yolaka abesifazane ababhekene nayo eNingizimu Afrika.
Lesi sithombe sitshengisa ilungu le-ANC lesilisa uThabiso Setona likhahlela owesifazane obeselele phansi kade kusuka uthuthuva phakathi kwamalungu e-ANC naweBlack First Land First ekomkhulu le-ANC, eLuthuli House, eGoli, ngoMsombuluko.
Kuso lesi sithombe kunomunye wesilisa ophethe umshiza okubukeka sengathi uselungele ukugadla, buqamama kunamaphoyisa nabanye abantu ababukelayo kwenzeka konke lokhu.
Ababe nenhlanhla yokubona i-video yalesi sigameko babonile ukuthi akuyena yedwa uSetona ohlasele lo wesifazane.
Singakubabaza okwenziwe nguSetona kodwa konke okuvezwe yilesi sithombe yinto vele eyenzekayo kuleli.
Kunabesilisa abangakwesabi futhi abangayiboni nencane inkinga ekushayeni abantu besifazane.
Okufakazela lokhu yizibalo ezivezwe yiCommission for Gender Equality ezithi zingu182 933 izigameko zokushaywa kwabesifazane ezibikiwe eNingizimu Afrika ngo-2016 nje kuphela.
Indlela abanye besilisa abangakusabi ngayo ukushaya abesifazane, baze bakwenze phambi kwezinkumbi zabantu ngisho bazi ukuthi kuzobe kunenqwaba yezintatheli namakhamera.
Akumele sizethuse ngabantu abebebukela kade kwenzeka lokhu eLuthuli House ngoba nasemiphakathini kunabesifazane abaziwayo ukuthi baphila ngesibhaxu kodwa kuba yindaba exoxwayo nje kokunye igcine iphele ngezinyembezi nesidumbu.
Njengoba kwenzekile kowesifazane obeshaywa nguSetona, eshaywa engalekelelwa muntu, bakhona ababa kulesi simo.
Ezwakale owesifazane ekhala eshaywa noma abonakale emabokoboko kepha singabi khona isibindi sokusiza noma sokungenelela.
Uma sikwazi ukubabaza ngalesi sithombe nezinye izigameko ezithinta abadumile njengoMduduzi Manana, kumele sibabaze nakubantu abangadumile silihlabe nekhwelo ngemikhankaso ezinkundleni ezehlukene njengoba kuvame ukwenzeka kwabadumile.