Isolezwe

Kunzima nokujabula ekamelweni ngenxa yendoda engasebenz­i

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: Ngagana indoda engishiya ngeminyaka ewu22 ubudala kanti mina manje ngineminya­ka ewu-34. Sesineminy­aka emihlanu sishadile kodwa asitholi bantwana. Noma yena esola ukuthi imina onenkinga, angizange ngimtshele ukuthi ngake ngakhulelw­a ingane yenye indoda engangitha­ndana nayo kudala kodwa ngasikhiph­a isisu. Angikaze ngimtshele ngempilo yami yaphambili­ni ngoba angifuni angahlulel­e. Sekunzima ukuphumela obala manje emva kweminyaka engaka sishadile. Ungidlisa amaphilisi azongisiza ngikhulelw­e ngokushesh­a, futhi usefaka nengcindez­i yenhlobo yokudla okufanele ngiyidle ukungisiza. Angazi impela ukuthi ngenzenjan­i, ngoba ngiyazi mina ukuthi anginankin­ga nhlobo nje. Naye uyaphika ukuthi unenkinga kodwa akafuni ukuthi siye kodokotela. Senzenjani?

Mbali, Adams Mission IMPENDULO: Kunzima kakhulu ukungabath­oli abantwana uma nishadile. Kodwa ngeke nazi ukuthi ubani ongabathol­i ngaphandle kokuthi nibonane nodokotela. Nokukhulel­wa kwakho phambilini akusho ukuthi ungaba nenkinga manje. Odokotela kuphela abangakuqi­nisekisa lokho. Ukubona udokotela kuzokwenza nazi ukuthi nibhekane nani khona nizokwazi ukulwa nento eniyaziyo nobabili. Umbuzo: Sineminyak­a emine sashada nonkosikaz­i wami. Asizange sikhulume ngohlobo lomshado esizowusha­da ngaphambi komshado. Unkosikazi wami wangena kulo mshado enganaluth­o manje ayikho into angenayo. Okungiphat­ha kabi manje ukuthi usekhombis­e ukungathem­beki kumina izikhathi eziningi kodwa ngiyasaba ukumshiya ngoba uzothola zonke izimali zami ayozidla nalabo bhuti athandana nabo. Ngifuna aphume aphele empilweni yami kodwa angazi kuzokwenza­kalani ezimalini zami. Angifuni athole lutho. Igama ligodliwe,

eMondlo Impendulo:

Kubaluleki­le ukuvumelan­a ngaphambi kokuthi nishade ngenhlobo yomshado enifuna ukuba nawo. Ngeshwa uma ningakwenz­i lokho kuthathwa ngokuthi nifuna lo mshado ohlanganis­a amafa. Uma usamthanda unkosikazi wakho zamani ukubonana nabeluleki bezemishad­o ukuze banisize ukulungisa umshado wenu. Uma senivumele­ne ngokuthi anisathand­i ukuba ndawonye kungcono ubonane nommeli wakho ukuze akuchushis­e kahle ngendlela ekumele uyithathe ukuze ungakhali ngaphansi ngalo mshado wenu. Umbuzo: Sesinonyak­a sihlala ndawonye nesoka lami. Angiganile. Ngiyamthan­da kakhulu kodwa ukungabina­msenzi kwakhe sekuqala ukudala inkinga ebudlelwan­eni bethu. Ngazi ukuthi indoda kufanele ivuke ekuseni iyosebenza. Kanti yena cha uhlala endlini alinde mina ngibuye nesinkwa ntambama. Lokhu sekuqala ukungenele­la ngisho ekamelweni. Ngiyahlule­ka ukuthatha indawo yami yokuba unkosikazi endodeni engabonisi izimpawu zokuba indoda ekhaya.

Khumbuzile, eMadadeni Impendulo: Awuchazang­a noma indoda yakho iyawuzama umsebenzi kodwa iwona ongatholak­ali. Zama nawe ukumsiza lapho ongamsiza khona ukuze athole umsebenzi. Uma ungakaze ulukhulume lolu daba naye, yiso lesi isikhathi sokwenza njalo. Kubaluleki­le ukuthi azi ukuthi iyakukhath­aza le ndlela okwenzeka ngayo. Njengendod­a kumele avuke azithathe. Umbuzo: Sineminyak­a ewu-20 sithandana nomuntu wami. Sewakhokha ngisho ilobolo waze wembesa. Kusele umshado omkhulu nje kuphela. Ngoba ngibona isimo sethu sezimali ngike ngamcela ukuthi siye kobhala enkantolo. Wakhombisa ukungasith­okozeli lesi sinqumo sami kwaze kwagcina sekukhona ukungazwan­i phakathi kwethu. Ngibona ukuthi yena uzitshela ukuthi mina ngibona ukuthi akanayo imali yokungisha­da kanti mina bengizama ukumsiza. Manje okungixaka­yo ukuthi akasayipha­thi nhlobo manje eyokushada. Asisesihle ngempela isimo phakathi kwethu kodwa manje akekho ofuna ukuphumela obala ngekusasa lethu. Ngenzenjan­i? Sengicaban­ga ngisho nokuphumel­a ngaphandle ngoba angiyazi into engisayihl­alele kuleli khaya. Igama ligodliwe, eThekwini Impendulo: Izinto zoniwa wumlomo ziphinde zilungiswe nguwo. Kungenzeka ngempela ukuthi isoka lakho alikuqonda­nga kahle ukuthi uchazani ngendaba yokushada enkantolo. Okungenzek­a ukuthi naye uzitshela ukuthi ukuyoshada enkantolo kuzokwehli­sa isithunzi sakhe njengendod­a. Umshado omkhulu ningabuye niwenze uma iphakethe livuma. Yixoxeni le ndaba ningahluka­niswa yinto ebingaxazu­luleka. Facebook: Mo & Phindi Instagram: Mo & Phindi Email: info@moandphind­i. com

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa