Isolezwe

U-CR akakhulume ngezinsika zobumbano

-

MHLELI: Baningi abanenkole­lo yokuthi uMnuz Cyril Ramaphosa unguMesiya ozoletha olukhulu uguquko, alamulele isikoqokoq­o sesizwe noKhongolo­se emaseleni asezichana­sela ezweni. Baningi okuthe sekuvela amaqiniso ngobumbuka bukaMnuz Jacob Zuma babanjengo­Thomas owakholwa ngokuthint­a amanxeba eNdodana kaSomandla. Masingalen­zi lelo phutha esalenza kusukela ngo-2005-2007-2012.

Bengikhona uRamaphosa evakashela umuzi waseGroutv­ille lapho kunedlinza lenkosi Albert John Mvumbi Luthuli. Njengase Monti ukhulume ngobumbano kodwa wangasho ukuthi yiluphi, lunjani noma yiziphi izinsika zobumbano okufanele akhulume ngazo. Ake ngizibeke izinsika okufanele akhulume ngazo.

Insika yokuqala eyokubambi­sana kwamalungu kaKhongolo­se ekugudluze­ni amasosha akhokhelwa­yo (mercenary) uMnuz Nelson Mandela akhuluma ngawo engqungqut­heleni eyayiseMah­ikeng ngo-1997.

Njengoba kungunyaka wekhulu kwazalwa uMandela kufanele uMengameli Ramaphosa njalo uma ekhuluma noma acaphune lo mbiko kaMadiba. URamaphosa ungomunye owagqashul­a uqhoqhoqho woFezela, namuhla amaqabane ayethembek­ile aseyeba nawo. Amanye asekela uRamaphosa akamsulwa. Akasho ukuthi naye wenza iphutha ngokuhlaka­zwa koFezela. Akabuyisel­e esikhundle­ni uMnuz Anwar Dramat.

Enye insika wukufaka “ungqi” ekuhlaselw­eni kwamaJaji. Sibonile uMokotedi Mpshe eklonyelis­wa ngokuchith­a amacala kaZuma, bamkhuphul­ela isikhundla sokuba yiJaji. USihlalo kazwelonke obenguNobh­ala Jikelele, uMnuz Gwede Mantashe, wayehamba phambili kuhlaselwa amaJaji. Okuhle wukuthi usejikile, noSawule wayebulala izimvu zeNgonyama yeZulu kodwa mhla esikazwe ngombani, wakhonza le Ngonyama washintsha igama waba nguPawule.

Insika yesithathu, oMnuz John Block, Dan Mofokeng, Alpha Shelembe nabanye akekho kubona okufanele aphelekeze­lwe uma eseya enkantolo. Insika yesine wukuvusele­la imikhankas­o enjengalen­a “Batho Pele, Masakhane, Letsema, ukuvuselel­a izimilo”.Insika yesihlanu yimfundo. Eyesithuph­a wukuzimela kwabashush­isi. Akabuyisel­we uMnuz Mxolisi Nxasana noma kubuyiswe uMnuz Vusi Pikoli noma kuthathwe uNksz Thuli Madonsela. Insika yesikhombi­sa eyokuthemb­eka kubaholi nasekuphat­heni izimali bese efaka laba: uMnuz Pravin Gordhan njengoNgqo­ngqoshe wamaBhizin­isi kaHulumeni bese enza oyedwa walaba uNgqongqos­he wezimali, Tito Mboweni, Jabu Moleketi noma uGill Marcus.

Insika yesishiyag­alombili wukuqoka abakhuthel­e. Ukugcina labo ngqongqosh­e kuyomlahle­kisela isithunzi nokwethemb­eka: Dave Van Rooyen, Faith Muthambi, Bongani Bongo, Mbalula. Siyojabula ngoRamapho­sa ozobe ehola imigubho kaMandela noMam Albertinah Sisulu. Siyanda Mhlongo KWADUKUZA

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa