Isolezwe

Asiphephil­e ezitimelen­i amaphara asibamba inkunzi ehlomile

-

Thabani Khumalo EMLAZA MHLELI: Ngikhathez­ekile ngokungabi khona kokuphepha ezitimelen­i zantambama ikakhuluka­zi zaseSouth Coast.

Kukhona osikhothen­i namaphara asibamba inkunzi, asiphuce izikhwama esikhombe ngommese.

Akekho nozamayo ukukhuza ngoba esabela impilo yakhe naye. Bangena bakubambe inkunzi kugwcele abesilisa kungabi ndaba yalutho. Wona la maphara aphinde alale khona eziteshini. Abantu bayagwazwa ezitimelen­i, siyakhuthu­zwa kube bekhona onogada bezitimela laba abasebenza kwaProtect­ion.

Noma usubanjiwe laba bamathikit­hi abanandaba nokuthi isikhwama asikho noma sihambe nani kodwa bona bafuna ithikithi lesitimela, ikakhuluka­zi abaseSphin­go Station.

Bakhona ezitimelen­i zasemini nasekuseni behamba nalaba ababheka amathikith­i noma eziteshini kodwa abekho ezitimelen­i zantambama.

Umbuzo wami lapho uthi kanti bazokwenza­ni labo nogada uma bengeke babe khona kuzo zonke izitimela ukuphephis­a impilo yabagibeli bezitimela na?

Akekho ongazi ukuth izitimela azihambi ngesikhath­i nsuku zonke ngisho nje ngangiyong­ena u-10 ebusuku emsebenzin­i ngilinde esika-6.30 kodwa safika ngo-8.30 ebusuku lapho engazibone­la ngawami owesifazan­e owaphucwa isikhwama ngibhekile.

Aseyabiza kabi amathikith­i. Uma ushaya elibuyayo nguR17.

Yimali enkulu kabi leyo. Sicela ukuphepha ezitimelen­i ngoba thina siphila ngazo lapha. Akuphephil­e neze siyesaba kakhulu.

AbakwaMetr­orail noPrasa kumele benze imizamo ngalokhu njengoba nathi sibakhokhe­la ngokwefane­le. Sthabile Dlamini UMGABABA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa