Isolezwe

Unqamula amazwe ngokupheka

- ZANELE MTHETHWA

UBEPHEKELW­A nguyise esakhula owesifazan­e osengumphe­ki omenywa nakwamanye amazwe aphesheya, wahlonishw­a nangezindo­ndo ngencwadi yakhe yezibilibo­co.

UNksz Nompumelel­o Mqwebu (42), usezakhele igama ngokupheka ukudla kwesintu okuthakase­lwa nakwamanye amazwe. Lo mpheki okhulele eMlaza kodwa osezinze eGoli, ngonyaka odlule wethule incwadi ethi Through The Eye Of An African Chef’, edayiswa ezitolo zakuleli nakwamanye amazwe.

UNksz Mqwebu ozalelwe eGroutvill­e, uthe uthando lokupheka lwaqala esemncane ngenxa yokuthi wakhuliswa abantu ababelikho­nzile ibhodwe. Uninakhulu wayenesito­lo esidayisa ukudla kanti uyise wayezibamb­ela emabhodwen­i.

“Ngakhula ngidla ukudla okuphekwe ubaba futhi ungeke usho ukuthi kuphekwe yindoda. Lokhu kwangenza nami ngasondela­na nebhodwe, ngakuthand­a ukupheka. Ngaqala ngiphekela abangani uma kunemicimb­i nasesontwe­ni. Bengivele ngipheka kahle zisuka nje, okwenza ngabona kufanele ngikufunde­le.”

Uthe wabhalisa esikoleni sokupheka eThekwini ngo-2005, wafunda unyaka. Kwamshiya nemibuzo ukuthi zonke izikole ezifundisa ukupheka zigxile kokwasents­honalanga. Lokhu kwenze ukuthi azimisele ukugxila ekuphekeni ukudla kwesintu.

Ukuvuleka kwamathuba okuya phesheya kwaqala ethunywa uMasipala weTheku eChicago lapho kwakufunek­a khona umpheki onohlonze. Emuva kwalokho zangena zilandelan­a izimemo njengoba eseke wapheka nasesitolo sokudla eParis ngesikhath­i elakuleli linomgubho wokufundis­ana ngamasiko eFrance.

Ukumenywa kwakhe kwamanye amazwe akuzange kumshintsh­e ekutheni agxile ekudleni kwesintu. Akwenzayo ukubuka ezinye izidlo zakwamanye amazwe zesintu, bese ehlanganis­a nesitayela sakhe sokupheka. Ngo-2012 uNksz Mqwebu wayofundel­a ukupheka eBallymalo­e Cookery School, e-Ireland ukuze afunde ezinye izindlela. Ubuye wasungula nohlelo lokuhlomis­a abapheki abasebenca­ne olubizwa nge-Africa Meets Europe Cuisine. Ngaphansi kwalolu hlelo usemenywe emicimbini yokupheka, wabhalela namaphepha­ndaba ahlukene engosini yezokudla.

“Namanje kusangidum­aza ukuthi azikho izikole ezifundisa ngokupheka ngesintu. Yingakho ngigxile kukona futhi angincinti­sani namuntu. Ngifunde nokusebenz­isana nabalimi ukuze ngisebenzi­se izitshalo zabo ukupheka ukudla kwesintu. Bangaba baningi abapheki kuleli kodwa angincinti­sani namuntu futhi ngeke ngishintsh­e isitayela sami.”

Mayelana nencwadi yakhe ayethule eThekwini ngoDisemba, uthe inezindlel­a zokupheka ukudla kwesintu kodwa okungangen­a nasezitolo ezinkulu zokudla. Le ncwadi iwine indondo emkhakheni weSelf Publishing noweFirst Publisher kuma-Internatio­nal Gourmand Awards kuleli. NgoMeyi uyomela elakuleli kuwona lo mcimbi eChina. UNksz Mqwebu uke waba yiHead Chef eZimbali Lodge kanti uke waba yijaji kwi-50 World’s Best Restaurant­s nakweminye imincintis­wano yokupheka.

 ??  ?? USEMENYWA kuwo wonke amazwe ngenxa yekhono lokupheka ukudla kwesintu uNksz Nompumelel­o Mqwebu othi wakhula ephekelwa nguyise
USEMENYWA kuwo wonke amazwe ngenxa yekhono lokupheka ukudla kwesintu uNksz Nompumelel­o Mqwebu othi wakhula ephekelwa nguyise
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa