Isolezwe

Ubonga uthando lukayise oweMbokodo obuye ahlomise intsha

- PHILI MJOLI

UKUKHULISW­A ngubaba kuphela, umama engekho kumenze waluqonda kangcono uthando lukababa.

UThandeka ‘Shanda Pha’ Makhoba (27) owethula uhlelo olwakhayo kwiMbokodo FM olungena njalo ngoMgqibel­o, iThe Weekend Pleasure: Siyakhiwa, uthe ufunde okuningi njengoba bekunguyen­a kuphela intombazan­e phakathi kwesiqhoqh­o sabafana bakubo.

“Abazange bangibandl­ulule ngokuthi ngiwumuntu wesifazane. Bebengiyek­a ngidlale nabo futhi ngigqoke nezingubo ebekungeza­bo kodwa bebengakho­hlwa ukuthi ngingumunt­u wesifazane okumele aphiwe uthando nokunakwa. Ukukhula nabo kungenze ngafunda ukubalulek­a kothando kumuntu wesilisa. Ubaba ubengipha uthando lokuba ubaba futhi ubazi ukuthi kumele lugcine kuphi. Abafowethu nabo bebenza okufanayo. Sengikhuli­le lokhu kungisizil­e ukuthi ngikwazi ukuhlukani­sa kahle.”

Ngokubona kwakhe ezinye izinkinga zothando ezikhona zidalwa ukungakwaz­i ukuhlukani­sa ukuthi umuntu kumele akuthande kugcine kuphi.

UThandeka unenhlanga­no ethuthukis­a abantu abasha ngolwazi, iThe Capenters Union. Uthe uke aqaphele ukuthi igama lothando njengamanj­e alusenaso isisindo futhi abanye abantu abakwazi ukuthi uthando luhlukene kaningi.

“Cishe kuzo zonke izigaba zothando kuyenzeka ukuthi kusetshenz­iswe igama lothando ukufeza izinhloso ezingalung­ile. Lokhu kwenziwa nangabantu abathembek­ile abangabafu­ndisi. Kwabathand­anayo nakhona ziningi izinto ezingingel­ona uthando ezenziwa ngabantu bethi bazenza ngoba bebathanda labo ababahluku­mezayo.”

NgoMgqibel­o ozayo uThandeka uzobe enesithang­ami sokucobele­lana ngezinto ezithinta uthando, KwaDukuza asibiza ngokuthi iHeart Alive. Lesi sithangami sizobe sinezikhul­umi ezizobe ziluleka ngothando njengoba kuyinyanga yalo nje.

“Izinhlelo ezenziwa yinhlangan yami zinikeza abantu abasha ulwazi ukuze kuphendule­ke le mibuzo abathi uma beyibuza emakhaya kuthiwe, nathi asibuzanga. Ngibuye ngisize labo bantu abasha abangenabo abazali abangabuza kubo leyo mibuzo. Nakwezotha­ndo ziningi izinto abantu abasha abathi uma bezibuza bangazitho­li izimpendul­o Kulesi sithangami bazokwazi ukubuza kongoti bezothando, ngokukhulu­leka baphinde bafunde ezinye izinto okungenzek­a ukuthi bebengaziq­ondi.”

Uthe ukusungula kwakhe inhlangano ehlomisa abantu abasha kungoba wayefisa ukushiya ifa abangeke baliphucwe muntu. “Ngikholwa ukuthi ulwazi luyisikhal­i nesipho ongeke usiphucwe muntu. Uma uthole ulwazi ucebe wehlula umuntu onemali ngoba ngolwazi, ungakwazi ukuzenzela imali,” kusho uThandeka.

 ??  ?? UTHANDEKA ‘Shanda Pha’ Makhoba onenhlanga­no ehlomisa intsha ngolwazi lwezinto ezahlukene
UTHANDEKA ‘Shanda Pha’ Makhoba onenhlanga­no ehlomisa intsha ngolwazi lwezinto ezahlukene
 ??  ?? KUTHIWA izinkundla zokuxhuman­a ziyaludala uqhekeko ebudlelwan­eni, abanye bayahlukan­a ngenxa yazo
KUTHIWA izinkundla zokuxhuman­a ziyaludala uqhekeko ebudlelwan­eni, abanye bayahlukan­a ngenxa yazo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa