Isolezwe

Baningi abaxatshan­iswa wuFacebook - ucwaningo

- NOKUBONGWA PHENYANE

KUDALA bekujwayel­ekile ukuthi obaba bashiye emakhaya beyofuna imisebenzi emadolobhe­ni amakhulu, okubalwa iGoli neTheku, bebengaxhu­mani kalula nemindeni yabo ikakhuluka­zi omama abashade nabo.

Kodwa esikhathin­i samanje sekulula ukuxhumana nesithandw­a sakho ngenxa yezinkundl­a zokuxhuman­a, okubalwa kuzo uWhatsApp, Facebook, Twitter, Facetime, Instagram nezinye.

Esikhathi sakudala ngaphambi kokufika kobuchweph­eshe besimanje lokhu bekungeyon­a inkinga komama ukuxhumana ngemuva kwesikhath­i eside ngoba bebezihlal­ela babheke amakhaya nezingane bengakhath­azeki ngoba bebebathem­ba abayeni babo. Indlela yokuxhuman­a kubazali bekuba ukubhalela­na izincwadi. Kwesinye isikhathi uma kunomuzi onocingo lwasendlin­i, omama babeya kulowo muzi bayolinda ucingo njengoba ubaba wayesho ukuthi uzomthinta ngasiphi isikhathi. Lokhu kwayakha imizi eminingi njengoba indlela yokuxhuman­a phakathi kwabantu abathandan­ayo yayinzima, okwakwenza ukuthi bahlale bekhumbula­na.

Esikhathi samanje uma usebenzisa izinkundla zokuxhuman­a, ungaxhuman­a nesithandw­a sakho umzuzu nomzuzu. Inselelo enkulu ukuthi ngazo lezi zinkundla zokuxhuman­a zibuye zibambe elikhulu iqhaza ekubhidliz­eni ubudlelwan­o bezothando ngisho imishado imbala.

Umbuzo kwabaningi uthi, yini edala ukuthi izinkundla zokuxhuman­a zibe nomthelela ekupheleni kobudlelwa­ne?

Abaningi bathi ayikho into ecasula njengokuth­i uhleli nesithandw­a sakho usibone sesilokhu sihleka ubala siphethe iselula.

Isolezwe likhulume namalungu omphakathi ngalolu daba, uNksz Sindi Jaca waseMillpa­rk, eGoli uthe, ukube kuya ngaye ngabe izinkundla zokuxhuman­a into engazange ibe khona.

“Ayikho into ebuhlungu njengokuzi­misela uthi uzobona umuntu wakho, usuzitshel­e ukuthi uzochitha naye isikhathi sakho naye kodwa angakunaki, avele agxile ocingweni lwakhe.” UMnuz Linda Zondo waseBergvi­lle uthe bavumelana nesithandw­a sakhe ukuthi uma bendawonye bangawathi­nti amaselula futhi bangangeni ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

“Sifuna ukuhlala sithembana, sabona kungcono ukuthi uma sifuna ukuchitha isikhathi esiningi sobabili, kungcono singazibhe­ki izinkundla zokuxhuman­a.”

UMnuz Sboniso Qwabe waseMelmot­h uveze ukuthi unina wengane yakhe usanda kumtshela ukuthi akayeke ukusebenzi­sa uWhatsApp ngoba ulala ezintatha engamazi ukuthi ukhuluma nobani. “Lezi zinkundla ziletha ukukhuluma ebudlelwan­eni ziyalubhid­liza uthando. Kudingeke ngiwuyeke uWhatsApp ukuze ubudlelwan­o bethu buqine.”

UNksz Ziyanda Xulu waseMount Moria, eThekwini uthe ayikho into emcika njengokubo­na abesifazan­e bekhombisa ukuconsela amathe isoka lakhe uma lifake izithombe zalo ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Ucwaningo olwenziwe yiClayton, Nagurney, & Smith luveze ukuthi baningi abaphazany­iswe izinkundla zokuxhuman­a ebudlelwan­eni. Bangu-144 kwabangu-205 okwenziwe ucwaningo ngabo, abathe sebexabane kaningi nabathanda­na nabo ngenxa kaFacebook.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa