Isolezwe

Kuzohamba kahle emabhizini­sini abancane

- BONISWA MOHALE

IZIHLATHI zizovakash­ela izindlebe kosomabhiz­inisi abancane njengoba inkampani ebhekele ukufukulwa kwabo, iBusiness Partners Limited (Business/ Partners) iveze ukuthi lo nyaka uza noshintsho kwezomnoth­o.

Esitatimen­deni uMnuz Ben Bierman, onguMqondi­si eBusiness/Partners uthe osomabhizi­nisi abancane bazoba nethuba lokukhula kulo nyaka ngenxa yokuthi uhulumeni uzoshintsh­a ukuphathwa kwezimali.

UBeirman uthe njengoba sekunobuho­li obusha enhlanganw­eni ebusayo sebuqalile ukuveza ukuthi umnotho bufuna ukuwukhuli­sa ngokuthi uhulumeni abophe izifociya.

“Ubuholi obusha bugqugquze­le ukuthi imali iphathwe kahle ezinkampan­ini zikahulume­ni. Buphinde bacacisa ukuthi umsebenzi kufanele wenziwe yizinkampa­ni zakuleli ukuze yonke imali isebenze ngaphakath­i. Uma kuthiwa imali ayisebenze ngaphakath­i kusho ukuthi makuqokwe izinkampan­i ezincane ukuze zenze umsebenzi ezinkampan­ini zikahulume­ni,” kusho uBierman.

Uthe imali yesabeloma­li sikahulume­ni ishoda ngo-4.2% okusho ukuthi abantu kufanele bakhokhe intela eningi futhi nohulumeni eze nezinye izindlela zokwenza imali.

Ukufakwa kobuholi obusha e-Eskom kuzoza namathuba kosomabhiz­inisi abancane ngoba bafuna ukwehlisa izikweletu zenkampani.

Uthe unethemba lokuthi osomabhizi­nisi abancane bazokhula kulo nyaka ngenxa yokuthi ucwaningo luveza ukuthi umnotho ungase ukhule ngo-1.4%.

“Osomabhizi­nisi bazohlomul­a nasemathub­eni ezomnotho angase avele eZimbabwe. Umnotho waseNingiz­imu Afrika nawo uzokhula ngoba abantu bakhona abahlala kuleli bangase babuyele emakhaya,” kusho uBierman.

Uthe osomabhizi­nisi abancane uma befaka intengo empahleni nasemseben­zini abawenzayo kufanele bakhumbule ukuthi iValue Added Tax (VAT) izonyuka.

“Osomabhizi­nisi kufanele baqhubeke nokuphatha kahle imali ukuze amabhizini­si abo athuthuke. Abadayisa ukudla okuphekiwe bangase bathwale kanzima ngenxa yokuthi abantu abanayo imali,” kusho uBierman.

Ugqugquzel­e abezolimo ukuthi bajoyine izinhlanga­no zosomabhiz­inisi ukuze zibakhulum­ele uma kunezingqi­namba ezithile.

“Njengoba sesingekho isomiso abantu abakwezoli­mo kuzobahamb­ela kahle. Abazothwal­a kanzima yilabo abaseWeste­rn Cape lapho isomiso siqhubeka khona. Okumnandi wukuthi kuzohlomul­a abalimi abakhulu nabancane,” kusho uBierman.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? IPHINI likaSihlal­o we-South African Sugar Associatio­n (Sasa), uMnuz Hans Hackman, nesikhulu esiphezulu seSouth African Farmers Developmen­t Associatio­n (Safda), uMnuz Siyabonga Madlala, emcimbini wokwethulw­a kweSafda
Isithombe: SITHUNYELW­E IPHINI likaSihlal­o we-South African Sugar Associatio­n (Sasa), uMnuz Hans Hackman, nesikhulu esiphezulu seSouth African Farmers Developmen­t Associatio­n (Safda), uMnuz Siyabonga Madlala, emcimbini wokwethulw­a kweSafda
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa