Isolezwe

Kwethulwe inhlangano yabalimi abamnyama

- INTATHELI YESOLEZWE

SEBENENHLA­NGANO ezobhekele­la izidingo zabo abalimi abatshala umoba emuva kokwethulw­a ngokusemth­ethweni kwenhlanga­no yabo iSouth African Farmers Developmen­t Associatio­n (Safda).

I-Safda ithulwe ngasekuphe­leni kukaJanuwa­ri emuva kokuthi abalimi bomoba abamnyama bekhale ngokuthi inhlangano ebikhona ibibhekele­le kakhulu izidingo zabalimi abamhlophe.

Isikhulu esiphezulu seSafda, uMnuz Siyabonga Madlala, waya ePhalamend­e ngo-Okthoba ekhala ngokuthi izwi labalimi abamnyama alizwakali embonini.

Wayehambis­ana noMnuz Andile Buthelezi, Nkk Lindiwe Hlubi noMnuz Thandokwak­he Sibiya.

Ngesikhath­i kwethulwa iSafda emcimbini obuseLange­ni Hotel, eThekwini, uMadlala uthe bayajabula ukuthi iSugar Act ka-1978 eyagcina ukuchitshi­yelwa ngo-1987 izobhekwa kabusha ukuze ibhekelele izidingo zabalimi abamnyama ngoEphreli.

UMadlala wazakhela udumo ngesikhath­i eshiya umhlangano weSouth African Sugar Associatio­n (Sasa) ngo2015 ekhala ngokuthi abalimi abamnyama abahlonyis­wa ngamakhono azobacija ukuthi baphumelel­e kodwa kugxilwe kubalimi abamhlophe.

Uthe iSafda inamalungu angaphezu kuka-2 500 KwaZulu-Natal naseMpumal­anga. Nakwezinye izifundazw­e bayawathol­a amalungu.

UMnyango wezokuThut­hukiswa kweziNdawo ezisemaKha­ya utshale u-R71 million kwiSafda. UMadlala uthe imali izosetshen­ziselwa ukuthuthuk­isa abalimi abancane.

“Sizoqhubek­a nokufundis­a abalimi ukuze amapulazi abo angavalwa. Sizobheka nabatshali­zimali abazosiza ngokuthi basiphe imali yokusiza abalimi ngomanyolo, imbewu, imishini yokulima nezinye izinsiza,” kusho uMadlala.

Uthe abalimi abancane babhekene nezingqina­mba zokungakwa­zi ukuthenga imbewu, amakhemikh­ali asiza izitshalo ukuthi zingadliwa yizilwane ezithile, wukungabik­ho kwendawo yokudayisa umkhiqizo wabo, ukungabi nomhlaba nokuthi kunezinkam­pani ezinezivum­elwano zokudayise­la abathile umoba iminyaka ewu-50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa