Isolezwe

Osejele ubhale incwadi ekhuluma ngempilo yakhe

- LUNGI LANGA

UFUNA ukusiza abanye abangene ezinkingen­i zobugebeng­u owesilisa obhale incwadi ngempilo yakhe esejele.

UNhlakanip­ho Sikobi waseMargat­e ubhale incwadi ethi “You Are Born To Win” ekhuluma ngempilo nokungena ebugebengw­ini esemncane.

USikobi uthe uqale ukungena ejele eneminyaka engu-13 ngecala lokugqekez­a nokweba. Eqala ukuboshwa wagwetshwa iminyaka emithathu wagwetshel­wa ngaphandle ngoba kuthiwa kufanele ahlale nabazali bakhe. Lokhu kube yisiqalo sempilo yokungena ephuma ejele.

“Ngiphinde ngaboshwa ngonyaka olandelayo sengiboshe­lwa ukuntshont­sha izimpahla ezazibiza kunalezo engangizin­tshontshil­e. Ngibe sengibuyel­a ejele kaningi emuva kwalokho okungangok­uthi ejele kwase kufana nendawo yokuvakash­a kimi,” kusho uSikobi.

Kumanje udonsa iminyaka engu-12 ejele eliseBarbe­rton, eMpumalang­a ngamacala ahlukene okubalwa kuwo awokugqeke­za nokweba emuva kokugwetsh­wa ngo-2008.

Uthe ngo-2014 uqoke ukubhala incwadi ekhuluma ngezimo adlule kuzona ikakhulu emuva kokuthi ethole ukuthi unegciwane lengculazi. Uthe ukuthola ukuthi unaleli gciwane kumenze wafisa ukusebenzi­sa zonke izimo abhekane nazo ukukhuthaz­a abanye abantu abasha. USikobi uthe ubefuna nokuthi baqonde ukuthi impilo yobugebeng­u inemiphume­la engemihle. Uthe encwadini yakhe ukubeka kucace konke adlula kukhona nezinkinga agcine esebhekene nazo ngenxa yezinqumo azithatha.

“Ngichithe isikhathi eside ngingenahl­elo lwempilo olucacile futhi ngiphila impilo engamanga. Ukuboshwa kwami kwadalwa ukuthi ngizihlang­anise nabantu abangalung­ile,” kusho uSikobi.

Uthe okunye akugqamisa­yo encwadini yakhe ubudlelwan­e bakhe noNkulunku­lu athe ubuqale emuva kokuhlala isikhathi eside engena ephuma ejele.

Okwamanje incwadi isatholaka­la ezitolo okuthengwa kuzo nge-internet.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNHLAKANIP­HO Sikobi oyisiboshw­a obhale incwadi exoxa ngempilo yakhe
Isithombe: SITHUNYELW­E UNHLAKANIP­HO Sikobi oyisiboshw­a obhale incwadi exoxa ngempilo yakhe
 ??  ??
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? INCWADI elotshwe nguNhlakan­ipho Sikobi ngempilo yakhe yokungena ephuma ejele
Isithombe: SITHUNYELW­E INCWADI elotshwe nguNhlakan­ipho Sikobi ngempilo yakhe yokungena ephuma ejele
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa