Isolezwe

Seluphethw­e umxazululi olwesiteka eDUT

- PHILI MJOLI

SELUKUMXAZ­ULULI ozimele udaba lokunyuswa kweholo labasebenz­i baseDurban University of Technology (DUT).

Abasebenzi bakulesi sikhungo abangaphi kwenyunyan­a iNehawu, Tenusa neNteu basesitele­keni esiqhubeka­yo bafuna ukunyuselw­a iholo.

Sekuyisont­o lesine abasebenzi besesitele­keni osekuholel­e ekutheni kuhlehlisw­e ukuqala ukufunda kulesi sikhungo. Kuze kwashaya isikhathi sokuqala ukufunda, isibalo sezitshude­ni ezibhalisi­le singaphans­i kwesilinde­lekile. Kulindelek­e ukuthi ukufunda kuqale ngoMsombul­uko.

Izinyunyan­a bezifuna ukunyuselw­a iholo ngo-10%, isiphakami­so sazo sesehlele ku-8.25% umqashi uthi angakwazi ukunyusa umholo ngo-6.25%.

UMnuz Milton Estirice wekomiti elakhiwe yilezi zinyunyana zontathu, izolo uthe wusuku lwesithath­u lolu daba ludingidwa.

“Sinethemba lokuthi sizophuma isixazulul­o kulezi zingxoxo. Okwamanje sisaqhubek­a nesiteleka sethu kuze kube umqashi uqhamuka nesiphakam­iso esingasemu­kela. Okwamanje sisame ku-8.25% umqashi ume ku-6.25%,” kusho u-Estirice.

Esitatimen­deni sakamuva inhlangano yezitshude­ni iSasco ithe iyayeseka iNehawu embhidlang­weni wayo wokulwela iholo eliphilisa­yo. Yathi umdonsiswa­no oqhubekayo ngamaholo phakathi kwezinyuny­ana nabaphathi beDUT neSol Platjie University uphazamisa ukufunda kulezi zikhungo.

UMengameli weSasco, u-Avela Mjajubana, ucele abathintek­ayo ukuthi bafinyelel­e esivumelwa­neni ngokushesh­a.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa