Isolezwe

Kuxwayiswa abanobucwe­be

- INTATHELI YESOLEZWE

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal axwayisa abanikazi bemizi ukuthi bangagcini ubucwebe obuningi ezindlini zabo ngenxa yenqwaba yamacala asevuliwe, okubanjwa kwenkunzi emizini yabantu kuthathwe ubucwebe.

Okhulumela amaphoyisa esifundazw­eni uLt Colonel Thulani Zwane uthe kubukeka sengathi izigebengu zisuke zinolwazi lokuthi yimiphi imizi enobucwebe obuningi ngaphambi kokuthi zigasele kuyo.

UZwane uthe uma umndeni unobucwebe obuningi kuyenzeka ukuthi abomndeni wakho, abasondele­ne nawe nezisebenz­i zakho zidlulise lolu lwazi kwabayizig­ilamkhuba bese uyahlaselw­a.

Unxuse abanikazi bemizi ukuthi ubucwebe babo uma bubuningi babugcine ezindaweni eziphephil­e ezidalelwe ukugcina izinto zabantu ezibalulek­ile ngoba ukugcina ubucwebe endlini kubeka engcupheni impilo yabantu.

Amaphoyisa axwayisa umphakathi nje ngoLwesibi­li, abasolwa abathathu abebehlomi­le bagasele komunye umuzi eMountain Rise ngaseMgung­undlovu bavula ngenkani umnyango, basabisa umnikazi wendlu nomndeni wakhe ngezibhamu.

Kulo muzi kuthathwe ubucwebe obuningi, abasolwa base beyabaleka ngemoto abebefike ngayo.

Kuvulwe icala lokubamba inkunzi esiteshini samaphoyis­a eMountain Rise.

UZwane ubuye waxwayisa nabanikazi bezitolo ezidayisa ubucwebe ukuthi baqikelele baqinise nezokuphep­ha ezitolo zabo ngenxa yezigebeng­u ezifika ezitolo zizenze abathengi bese zikhipha izibhamu zibabamba inkunzi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa