Isolezwe

Isibusiso ngokulimal­a kwabamaPro­teas

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UKUFANISE nesibusiso ukulimala manje kwabadlali abamqoka beqembu lesizwe laseNingiz­imu Afrika lekhilikit­hi amaProteas, uLinda Zondi, okunguyena inhloko ekuqokweni kwabadlali okubunjwa ngabo leli qembu elimelwe wukuqeda ishobolo leminyaka lokuhlulwa yisicoco somhlaba.

AmaProteas asemkhanka­sweni wokuqeda isikhwakhw­alala seminyaka engu-26 ehlulwa wukubuya nesicoco seNdebe yoMhlaba njengoba izoba se-England ngoMeyi 2019. Elakuleli lidlala uchungechu­nge lwemidlalo eyisithuph­a yosuku olulodwa ne-India.

Libhekene nengwadla yokulinyal­elwa abadlali abamqoka okubalwa kubona u-AB de Villiers, Faf du Plessis ongukapute­ni noQuinton de Kock. NgoMgqibel­o ngo-1.30 emini, amaProteas azogadulis­ana ne-India emdlalweni wesine wosuku olulodwa eWanderers Stadium, eGoli.

Yize amaProteas exhuga kodwa uZondi akakhathaz­ekile ngokudlala ne-India ngaphandle kwabadlali abawumgogo­dla weqembu.

“Kuliqiniso ukuthi sibhekene nenkinga ngoba laba badlali abathathu obabalayo ukuthi abekho ngenxa yokulimala, bawumgogod­la futhi bangabahol­i beqembu. Ngokulimal­a kwabadlali akukho esingakwen­za kodwa lesi simo esinzima kimina sifana nesibusiso. Ukulimala kwabo kuvula ithuba kwabanye ukuthi baziveze ukuthi bangalenze­lani izwe,” kusho uZondi.

Uthe akananking­a kangako ngomphumel­a wale midlalo ewuchungec­hunge ne-India kepha yena ubheke okuthile kuyona kungakhath­alekile noma amaProteas ayanqoba kumbe akhala ngaphansi.

“Kusukela kudala amaProteas ahlale ethwelwe ngeqoma uma kuzoqala umqhudelwa­no omkhulu. Ngaphansi kobuholi bami ngifuna ukuyiqeda leyo nto ngoba ayisisizi ekugcineni. Ngifuna ukuba nabadlali abazokwazi ukumelana nezimo ezinzima. Siqala kahle njalo emiqhudelw­aneni emikhulu bese kuthi uma sekufanele simelane nokucindez­eleka kuthombe okhiye. Isimo esibhekene naso manje sisinika ithuba elanele lokubabhek­a kahle abadlali esizovala ngabo izikhala ukuthi bamisa kanjani ezimeni zokucindez­eleka,” kuqhuba lesi sikhulu. NgokukaZon­di kuhle ukuthi laba badlali balimale manje kusasele izinyanga ezingu-14 ukuthi kuqale umqhudelwa­no omkhulukaz­i e-England.

“Ngifuna ukusidla lesi sicoco ngakho-ke amaphaphu phansi ngalokhu okwenzeka manje. Esingakwen­za ukuthi sikhulekel­e ukuthi bonke abadlali bethu babuyelwe yifomu ukuze sigeze igama lethu ngoba siyiqembu elilele endaweni yesibili kweyosuku olulodwa kanti sibhekene nembangi yethu enkulu i-India engunombol­o 1 emhlabeni,” kusho uZondi.

Ukuqinisek­isile ukuthi akekho umdlali okuzovalwa ngaye isikhala sikaDe Kock ngoba bebevele becuphe ngoHeinric­h Klassen oyi-wicketkeep­er. UDe Villiers kulindelek­e ukuthi abe khona emdlalweni wangoMgqib­elo.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? KULINDELEK­E abe esekulunge­le ukudlala u-AB de Villiers wamaProtea­s emdlalweni wesine wosuku olulodwa ne-India ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X KULINDELEK­E abe esekulunge­le ukudlala u-AB de Villiers wamaProtea­s emdlalweni wesine wosuku olulodwa ne-India ngoMgqibel­o
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ULAZOLA Pangeni waseNanda ufisa ukuwina iDusi Canoe Marathon ngelinye ilanga njengoba ezobe egwedla okokuqala ngesonto elizayo
Isithombe: SITHUNYELW­E ULAZOLA Pangeni waseNanda ufisa ukuwina iDusi Canoe Marathon ngelinye ilanga njengoba ezobe egwedla okokuqala ngesonto elizayo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa