Omnyama ufisa ukuqopha umlando emjahweni iDusi
IFISA ukuba ngeyokuqala emnyama ukunqoba iFNB Dusi Canoe Marathon intombi encane yaseNanda, uLazola Pangeni engenele umjaho wayo wokuqala kulo nyaka.
Umjaho iDusi, othatha izinsuku ezintathu uyaqala eMgungundlovu ngoLwesine oluzayo, uyoze usongwe eBlue Lagoon eThekwini ngoMgqibelo kaFebhuwari 17.
UPangeni (16) owenza uGrade 11, eMbheki Secondary khona eNanda, uzobe eyibambe emunxeni wabahamba ngababili abaxube ubulili. Uphathina wakhe kuzobe kunguS’boniso Shozi.
“Ngonyaka ozayo ngizongenela iK1 (abagwedla ngabodwa). Ngifuna ukuba yintombazane yokuqala emnyama ukunqoba iDusi, ngiqophe umlando. Kulokhu njengoba sizogwedla nophathina wami inhloso yethu wukungena kwiTop 50 uma kubalwa bonke abaqedile bese sibe kwabazonqoba kulabo abaxubile,” kusho uPangeni ngokukhulu ukuzethemba.
Ophume endaweni yokuqala kwabesilisa nabesifazane uthola uR50 000, kube u-R40 00 endaweni yesibili. Isithathu kwabesilisa kuba uR20 000 kube uR15 000 kwabesifazane. Uthando lwakhe lokugwedla lwakheke ngenxa kayise omncane athe ubefundisa izingane eNanda Dam.
“Ngacela kuyena ukuthi ngibajoyine ngoba ngingafuni ukuhlala ekhaya ngingenzi lutho. Lo mdlalo uyangisiza kakhulu ngoba uthola ukuthi ontanga yethu bazithola sebebhema noma bakhululelwe ngoba ayikho into abayenzayo. Mina umngani wami omkhulu yizincwadi zami nejimu. Ngibuya esikoleni ngo-4 ntambama kudingeke ngibe sengisejimini ngo-4.30 zonke izinsuku,” kusho uPangeni.
Njengamanje akasekho ngaphansi kukayise omncane, useqeqeshwa uSipho Canham ongomunye wabagwedli abamnyama abangenele umjaho.
Bangaphansi kweKing Fischer Canoe Academy.
I-Dusi wumjaho ogqilaza ngisho emadodeni njengoba oqalayo ulinganiselwa ku-120km. Kunezikhathi lapho okufanele kuthwale khona isikebhe ugijime ngezinyawo.
“Ngiyazethemba kakhulu ngizokwazi ukumelana nezinselelo engizobhekana nazo. NgoDisemba kade siziqeqeshela yona,” kusho le ntokazi enesiliva emijwaheni yezikole.
Iyaziqhenya ngalo mdlalo wayo, ilindele ukuthi ozakwabo esikoleni baphume ngobuningi bazoyeseka.
Ikuvezile ukuthi akusiyona yodwa esencane ezobe iyibambe kwiDusi.
“Kukhona noNosipho Mthembu naye oneminyaka engu-16. Uba uphathina wami emijahweni yesifundazwe kodwa kulokhu sizobe singebona abangani. Ngiyacela amanye amantombazane asijoyine. Ngicabanga ukuthi asifikile ngisho eshumini abamnyama abancintisana ezingeni labadala,” kuphetha uPangeni.