Isolezwe

Akazesabi izilomo zeChiefs owe-Arrows

- MINENHLE MKHIZE

AKANALO uvalo ngengozi yezilomo zabadlali beKaizer Chiefs abasha umqeqeshi weLamontvi­lle Golden Arrows uClinton Larsen.

Abafana Bes’thende bazodudula­na naMakhosi ngeSonto ngo-3.30 ntambama emdlalweni weLast 32 yeNedbank Cup e-FNB Stadium, eNasrec.

ULeonardo Castro noSiphelel­e “Stashi” Ntshangase bakhombisa ukuba yingozi ngaso sonke isikhathi uma bengena emidlalwen­i yeChiefs. Umqeqeshi weChiefs uSteve “Mphathi” Komphela ubengakaze abaqalise imidlalo kwazise ubafaka ngesiwombe sesibili ngaso sonke isikhathi.

“Ngichazeki­le ngomsebenz­i omuhle owenziwa nguKomphel­a. Ngokwami uma ingabalwa iMamelodi Sundowns neCape Town City ngicabanga ukuthi iChiefs ingelinye lamaqembu akhombisa umgqigqo yize abaningi bezongiphi­kisa ngalokhu engikushoy­o. Ukufika kukaCastro noNtshanga­se kwenze umehluko. Ngakho ngeke kube lula.

“Kwesinye isikhathi kuthatha isikhathi kwabanye abadlali ukungena egiyeni. Thina silungele noma yini. Uma beqala ngoNtshang­ase noCastro okuyinto abangayenz­a sizoqhamuk­a nohlelo lokubhekan­a nabo. Uma besebenzis­a iqembu labo elijwayele­kile abebekade belisebenz­isa ezinyangen­i ezedlule sizoqhamuk­a nohlelo lokubhekan­a nalo. Asifuni ukugembula ngoba inhloso yethu wukufika sihlome ngayo yonke indlela,” kusho uLarsen.

I-Arrows yagcina ukufinyele­la kowamanqam­u ngo-2009 ngesikhath­i ikhala yemuka nesicoco seMTN

8.

“Ukufinyele­la kowamanqam­u noma kowandulel­a owamanqamu akuthi shu uma ungeke uyinqobe indebe. Yize sihambe ibanga elide ngonyaka odlule kodwa lokho akusho lutho ngoba emlandweni akekho oyosikhumb­ula kodwa into eyokhunjul­wa wukuthi ngubani owanqoba indebe. Leli yithuba lokuthi iqembu liphakamis­e indebe. Wonke amaqembu ayingxenye yalo mqhudelwan­o afuna ukuba ngompetha. Angiboni ukuthi kukhona iqembu elizibekel­e umgomo wokufinyel­ela kuma-semi final noma kuma-quarterfin­al,” kusho uLarsen.

Iqembu laKwaZulu-Natal elisenze kahle kwiNedbank Cup, AmaZulu. Ngo2010 ashaywa yiBidvest Wits ngo 3-0. E-KZN alikho iqembu eselike lanqoba lo mqhudelwan­o.

 ??  ?? FADLU DAVIDS
FADLU DAVIDS
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weLamontvi­lle Golden Arrows uClinton Larsen akanalo uvalo ngeKaizer Chiefs abazobheka­na nayo emdlalweni weNedbank Cup Last 32 ngeSonto ngo-3.30 ntambama eFNB Stadium, eNasrec
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weLamontvi­lle Golden Arrows uClinton Larsen akanalo uvalo ngeKaizer Chiefs abazobheka­na nayo emdlalweni weNedbank Cup Last 32 ngeSonto ngo-3.30 ntambama eFNB Stadium, eNasrec
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa