Isolezwe

ISwallows asiyibukel­i phansi - Davids

- MINENHLE MKHIZE

I-MARITZBURG United izobhekana neSwallows FC ngoMgqibel­o ngo-3 ntambama emdlalweni weLast 32 yeNedbank Cup ngaphandle kwabadlali abane abamqoka.

I-Team of Choice izodlala lo mdlalo ngaphandle kukaDelion Mekoa, Siphesihle Ndlovu, Bevan Fransman noBandile Shandu bonke abadonsa izigwebo zamakhadi aphuzi.

Umqeqeshi weTeam of Choice uFadlu Davids nguyena odalule lezi zindaba ngesikhath­i exoxa nabezindab­a eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

“Ngaphambi komdlalo wePirates besinabadl­ali abayisithu­pha abebelenge­la engozini yokuphuthw­a ngumdlalo olandelayo ngenxa yamakhadi abomvu. Ngicabanga ukuthi ukungabi khona kwalaba badlali ebadonsa izigwebo zamakhadi kuzovulela abanye abadlali ithuba lokuthi baphakamis­e isandla bakhombise ukuthi basiphathe­leni.

“Leli yithuba labanye abadlali lokuthola imizuzu enkundleni. ISwallows yiqembu eliphupha ngezinto ezinkulu yize bedlala kwi-ABC Motsepe League. Lingethusi­le izinga lika-ABC Motsepe League ngemuva kokubuka eminye yemidlalo yabo. Bayiqembu elidlalayo impela futhi badlala into ehlelekile. Silindele umdlalo onzima. Uma sidlala namaqembu agijima kwiPremier Soccer League asivamile ukusinika inhlonipho. Ngeke ube khona umehluko uma sesidlala neSwallows. Umdlalo ongeke siwuthathe kalula lona. Sizodlalis­a iqembu eliqinile ukuze sidlulele emzuliswan­eni olandelayo,” kusho uDavids.

I-Team of Choice yenza kahle emidlalwen­i yeligi okufakazel­wa wukuhlala kwayo endaweni yesithupha kwi-log.

“Leli yithuba lokudlulel­a emzuliswan­eni olandelayo. ISwallows asiyibukel­i phansi. Abekho abadlali esizobaphu­muza. Lona ngumdlalo ofana neminye esihlale siyidlala. Sizobophel­a iqembu eliqinile ngokwabadl­ali esinelunge­lo ukuqoka kubona. Kumele sijike izinto kancane phambili njengoba sekuhambe uRusike (u-Evans osegijima kwiSuperSp­ort United). Kufanele siqhamuke namaqhinga amasha okuthola amagoli. Into emqoka kunazo zonke kithina wukudlulel­a esigabeni esilandela­yo. Iwini sizoyisebe­nzisa njengamalu­ngiselela emidlalo elandelayo yeligi,” kusho uDavids.

URusike ubewumgogo­dla weMaritzbu­rg phambili.

“Ukulahleke­lwa ngumdlali ofana noRusike yinto eyenzeka umhlaba wonke. Ngeke sisakwazi ukuvala isikhala sakhe. Kumele sizame ukuthola ezinye izindlela zokuhlasel­a izitha. Ngiyakhole­lwa kakhulu ku-Andrea Feliccia, Luyanda Ntshangase noMohau Mokate. UTwala (William) udlale imizuzu engu-45 emdlalweni odlule. Sekumele sikhulise imizuzu ayidlalayo. Sizomdlali­sa imizuzu engu-60 emdlalweni ilandelayo,” kusho uDavids.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa