Isolezwe

USikhakhan­e uqalile ukusebenza kwi-Eagles

- MINENHLE MKHIZE

UQALILE ukusebenza umqeqeshi omusha weRoyal Eagles egijima kwiNationa­l First Division (NFD), uRoger Sikhakhane, ngemuva kwesixakax­aka esidaleke ngesikhund­la somqeqeshi Eqenjini.

Izolo sibike ngodaba oluthe zigcwale udaka izinyawo kuKostadic Papic noVladisla­v Heric abebecija i-Eagles ngemuva kokuqunjwa phansi kweqembu yiHighland­s Park ngo 4-0 ngempelaso­nto emdlalweni weligi.

Izolo i-Eagles ithuse abaningi ifika noHeric esithangam­ini nabezindab­a eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Ebuzwa uHeric ngekusasa lakhe uthe: “Ngokwazi kwami ngisengomu­nye weqembu. UKosta naye useseqenji­ni. Ukuthi-ke izinto zizoguqulw­a kanjani sizobona. Njengamanj­e akusona isikhathi esihle sokunitshe­la ukuthi kwenzekani. Esikuxoxe nezikhulu wukuthi kumele ngibambe kuze kube yonke into iyalungisw­a. Asikasitha­thi isinqumo esingujuqu ngendaba yomqeqeshi. Ukuthi kuzokwenze­kani ngabahlala­yo nabahambay­o sizokwazi kahle namuhla (esho izolo) noma kusasa.”

Nokho sithole ngomthombo wethu ongashayi eceleni ukuthi uSikhakhan­e uqalile ukusebenza.

“URoger uqalile namuhla (izolo) ntambama ukujimisa iqembu. UHeric uzohlala ngoba kukhona ukungaboni ngaso linye ezikhulwin­i zeqembu. Kukhona abebefuna bahambe bobabili kanti kukhona abanye abebefuna kudedelwe uPapic kusale uHeric. Ngakho kuthathwe isinqumo sokuthi kukhululwe uPapic. UHeric uzokweleke­lela uRoger,” kusho umthombo.

NgeSonto ngo-3 ntambama i-Eagles izodudulan­a neHappy Wanderers egijima kwi-ABC Motsepe League KwaZulu-Natal emdlalweni weLast 32 yeNedbank Cup eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont.

“Angikhatha­zakile ngekusasa lami ngoba ngisenenko­ntileka neqembu. Ngisengomu­nye weqembu. Njengamanj­e sidingida indaba yokuthi yisiphi isinqumo esingavuna iqembu. Lapha esithangam­ini nabezindab­a ngithunywe ngumama (uShauwn Mpisane). Ukube usengixosh­ile ubengeke angithume lapha. Angizenzel­i izinto ngokuthand­a kwami,” kusho uHeric.

I-Eagles ihlezi endaweni yesithathu uma usuka ekugcineni kwi-log yeNFD. USikhakhan­e uzohlala okokuqala ebhentshin­i leqembu ngeSonto.

 ??  ?? IPHINI lomqeqeshi kwiHappy Wanderers, uPhumlani Ndwandwe, neleRoyal Eagles, uVladislav Heric, ngesikhath­i kunesithan­gami nabezindab­a eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, izolo emini Isithombe: BACKPAGEPI­X
IPHINI lomqeqeshi kwiHappy Wanderers, uPhumlani Ndwandwe, neleRoyal Eagles, uVladislav Heric, ngesikhath­i kunesithan­gami nabezindab­a eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, izolo emini Isithombe: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa