Isolezwe

I-Bucs nethuba lokubuyisa izinduku

- LUNGILE MAJOKA

ISETHUBENI lokubuyisa izinduku i-Orlando Pirates njengoba izophinde ibhekane ne-Ajax Cape Town emdlalweni weNedbank Cup Last 32 kule mpelasonto.

Umehluko kulokhu wukuthi iPirates izobe isidlalela esibayeni sayo, kwesikaMam­inzela e-Orlando Stadium. Umdlalo ungo-8.15 ebusuku ngoMgibelo.

Ufika ngemuva kwesonto iBucs ibuyele ekhaya isuka eKapa izikhotha amanxeba kulandela ukuthi i-Ajax iphazamise umgqigqo wayo kwi-log iyishaya ngo 3-0. Okukhalise kakhulu umqeqeshi weZimnyama, uMilutin “Micho” Sredojevic, ngalo mphumela wukuthi iqembu lakhe liwuphathe wonke umdlalo kodwa lehluleka wukuthola amagoli.

Nokho kulokhu uMicho nezakhe bazobe beshayela phezulu kwazise basule lezo zinyembezi ngokuqumba phansi iMaritzbur­g United ngo 2-1 e-Orlando Stadium okuwumphum­ela obakhuphul­ele endaweni yesibili kwi-log.

Kusemqoka ukudlulela esigabeni seLast 16 kwiPirates njengoba lo mqhudelwan­o ungelinye ithuba lokujabuli­sa abalandeli ngokunqoba isicoco.

Injabulo yabalandel­i yilona vangeli uMicho alokhu elishumaye­la kusukela efikile.

Leli qembu laseSoweto lagcina ukuphakami­sa indebe ngayo iNedbank Cup ngo-2014 ngaphambi kokushona kukaSenzo Meyiwa owayenguno­zinti wayo.

Ekhuluma nabezindab­a uSredojevi­c ngemuva komdlalo weCity,uqhubekile nokugcizel­ela eyokubuyis­a izinsuku zenjabulo kwiHappy People okuyigama abalandeli ababebizwa ngalo iqembu labo lisadla izindebe ngantathu kumasizini edlule.

“Sinombono wethu, okuwukudla izicoco lapha ekhaya nokubuyela emiqhudelw­ani yeCAF. Sifuna ukukhunjul­wa ngokuthile ngesikhath­i sethu esisihlale lapha. Ekugcineni kwakho konke siyafisa ukufaka inkanyezi yesibili kulolu phawu,” kusho Sredojevic.

Ukunqoba iNedbank Cup kungayifak­a kwiCAF Confederat­ion Cup iPirates egcine ukudlala kuyona ngo-2015 ihlulwa yi-Etoile de Sahel yaseTunisi­a kowamanqam­u.

Ukuthola indawo yokuqala noma eyesibili kwi-log kuzoba yithikithi leChampion­s League eyagcina kuyona ngo-2013 ishaywa yi-Al Ahly kowamanqam­u.

Okunye okuzobhekw­a emdlalweni wangoMgqib­elo wukuthi ngabe i-Ajax izoqhubeka yini nokubophel­a uTendai Ndoro.

Ngesikhath­i la maqembu ehlangene ngokwedlul­e kuvele ukuthi iPirates ifake isikhalo ngokudlali­swa kukaNdoro njengoba kunomsindo ngokuthi i-Ajax isiyiqembu lesithathu alidlalela­yo ngesizini eyodwa. Imithetho yeFifa ayikuvumi lokho. Icala lingenile kwiDispute Resolution Chamber, i-Ajax yalinqoba kodwa iPremier Soccer League iludlulise­le kumahlulel­i.

Odabeni oluphume kuleli phephandab­a izolo. i-Ajax iveze ukuthi ngeke iyeke ukudlalisa uNdoro.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UBERNARD Parker weKaizer Chiefs obelimele iqakala useluleme ngokuphele­le
Isithombe: BACKPAGEPI­X UBERNARD Parker weKaizer Chiefs obelimele iqakala useluleme ngokuphele­le
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic ufisa bawine iNedbank Cup ukuze bayodlala kwiConfede­ration Cup
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic ufisa bawine iNedbank Cup ukuze bayodlala kwiConfede­ration Cup
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa