Isolezwe

Siluleme isilomo kwalimala abanye kwiChiefs

- MTHOKOZISI MNCUSENI

IZINDABA ezimnandi kumqeqeshi weKaizer Chiefs, uSteve Komphela, ngokwelula­ma kwesithand­wa somgadli esinguBern­ard Parker ziphelezel­we ezingezinh­le njengoba kuvela ukuthi kubanjwe umoya ngoPhilani Zulu noGeorge Maluleka.

UParker, obengakaze abonakale kwiChiefs kulo nyaka ngenxa yeqakala ebelimumis­e kabi, useluleme ngokugcwel­e futhi usethubeni lokubonaka­la koweLast 32 yeNedbank Cup neLamontvi­lle Golden Arrows ngeSonto ngo3.30 ntambama, eFNB Stadium, eNasrec.

Mayelana nesimo sikaZulu noMaluleka, udokotela waleli qembu uDave Milner, uthe kubanjwe umoya ngabo futhi kuphakathi kokuthi badlale kumbe bangabonak­ali. UZulu unenkinga efanayo nale ebihlupha uParker kwazise ushayeke kabi eqakaleni bebhekene neBidvest Wits muva nje. Ukhala ngesihluzu uMaluleka naye othinteke kuwona lo mdlalo weWits ophele ngo 1-1.

“UZulu noMaluleka kubanjwe umoya ngabo kodwa sizoqhubek­a nokubabhek­a njengoba kuhamba isonto kodwa ngingakuqi­nisekisa ukuthi uParker useluleme futhi kusele kuKomphela ukuthi uzomsebenz­isa noma cha,” usho kanje uMilner kwi-website yeChiefs.

Omunye umdlali oseluleme lapha uTsepo Masilela kodwa akakaqali ukuziqeqes­ha nabanye. Ayizange ivezwe imbangela yalokhu kodwa kubukeka kuzoba nzima ukuthi lo mdlali oke wagijima kwiSpanish La Liga abuyele esikimini kwazise uZulu udlala kahle. Uma engalulami kowe-Arrows kulindelek­e ukuthi kudlale uSiphosakh­e Ntiyantiya namanje okusakhulu­nywa ngaye ngendlela adlale kahle ngayo ebonakala okokuqala.

Kule ndawo kusekhona noSibusiso Khumalo oke walimala kodwa ezakamuva zithi useluleme yikhona nje ukweqiwa yijezi. Ngendlela eselimeqe ngayo ijezi nokuphazan­yiswa ukulimala, bekulindel­eke ukuba adedelwe lo mdlali waseNanda njengoba bekuvuleke iwindi lokushints­hana ngabadlali.

UMilner uphawulile nangoKabel­o Mahlasela othengwe kwiBloemfo­ntein Celtic waphambana noLorenzo Gordinho kodwa waba nebhadi lokulimala eziqeqesha okokuqala naMakhosi.

“Useqalile wenza okufanele akwenze kodwa usahamba ngazo izinduku kanti nokhonkolo akakawukhi­phi. Kusemqoka simnike isikhathi esanele kwazise uhlinziwe. Ngicabanga ukuthi njengoba eseqalile ewujimisa umlenze olimele, sibheke ukuthi emasontwen­i ayisishiya­galombili sibe sesikhulum­a okunye,” kusonga uMilner.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa