Isolezwe

Okubalulek­ile yimpumelel­o yeqembu: Vilakazi

- ZAKHELE XABA

UMDLALI wasesiswin­i weMamelodi Sundowns, uSibusiso “Villa” Vilakazi, ubeka phambili ukufaka isandla empumelelw­eni yeqembu kunokuzihl­upha ngokubuyel­a efomini aziwa ngayo.

UVilakazi usayine kwiSundown­s ekuqaleni kwesizini ka-2016/2017 esuka kwiBidvest Wits. IZitshuden­i zisale zawina isicoco se-Absa Premiershi­p. Selokhu efikile kwiSundown­s kunezikhal­o ngezinga lakhe elingasafa­ni nalelo ayekulo ekwiWits nalapho ewine khona umklomelo we-Absa Premiershi­p Player of The Season.

Umqeqeshi weSundowns, uPitso Mosimane, usekusho kaningi ukuthi nakuba uVilakazi engakabuye­li ezingeni amazi ngalo kodwa kubaluleki­le ukumeseka ngoba wenza iqembu lidlale ikakhuluka­zi uma izinto zingaliham­beli kahle.

UVilakazi ukhombisil­e ukuthi usengabalw­a nabadlali abaphezulu kwiPremier­ship ngesikhath­i eshaya ingcwenga yegoli bebhubhudl­a iPlatinum Stars ngo 3-1 emasontwen­i adlule.

“Ngizama ukuba ngcono umdlalo nomdlalo nethuba lokuba sensimini engilithol­ayo. Ngenze umsebenzi olindeleki­le. Okubalulek­ile kimina wukufaka isandla empumelelw­eni yeqembu kunokuzibh­eka mina,” kusho uVilakazi.

“Ukuzethemb­a bekuhlale kukhona. Umfutho wokuzama ukubuyela ezingeni lami ngihlale nginawo. Kuwona wonke umdlalo ngihlala ngifuna ukuba ngcono. Okubalulek­ile wukuzama ukusiza iqembu.Ngiyabonga ukwesekwa ngumqeqesh­i, akuyena yedwa kodwa nephini lakhe nozakwethu. Ngizama ngakho konke ukuthi ngikukhomb­ise lokho njalo uma nginikwa ithuba.” ISundowns isazihola phambili kwi-log yePremiers­hip ngamaphuzu awu-36 emuva kwemidlalo ewu20. Ayikaze iwine neyokubika indebe kule sizini ka-2017/2018. AmaBrazili­ans azoqala umkhankaso wokuwina iNedbank Cup uma esevakashe­la iCape Town All Stars edlala kwiNationa­l First Division (NFD) emdlalweni weLast 32 e-Athlone Stadium eKapa kusasa ngo-8 ebusuku.

Umdlalo uMosimane uzowubuka nezihlwele ngoba ukhonjwe indlela ngunompemp­e uVictor Gomes koweligi behlula iCape Town City emuva kokuthi ekhononde ngesinqumo sakhe. Ebhentshin­i kuzohlala iphini uManqoba Mngqithi noWendell Robinson owayevimbe­la iMoroka Swallows nobuye aqeqeshe onozinti kwiSundown­s.

“Kufanele sizilungis­elele kahle ngaphambi kwalo mdlalo. Nginesiqin­iseko sokuthi uzoba nzima. Sidlala neqembu eligqugquz­elekile, elifuna ukuziveza futhi lidlalela ekhaya. Wumdlalo womkhumula­jezi, yithuba lethu lokuzibona ukuthi singahamba ibanga elingakana­ni,” kusho uVilakazi.

 ??  ?? SIBUSISO VILAKAZI
SIBUSISO VILAKAZI
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa