Isolezwe

Ofunwa yiBucs uzovuselel­a inkontilek­a neBidvest Wits

- MINENHLE MKHIZE

UZOKWELULA inkontilek­a ngeminyaka emithathu umdlali ogaqelwe yi-Orlando Pirates uBuhle Mkhwanazi ogijima kwiBidvest Wits.

Lezi zindaba zitshelwe Isolezwe nguPaul Mitchell weSiyavuma Sport Agency ngesikhath­i exoxa naleli phephandab­a.

“UBuhle uzosayina inkontilek­a entsha yeminyaka emithathu neWits. Inkontilek­a yakhe iphela ngo-2019 kodwa unikwe inkontilek­a entsha manje. Seneme ngale nkontileka futhi sizoyisayi­na maduze bese siyibuyise­la kwiWits ezinyangen­i ezizayo,” kusho uMitchell.

UMkhwanazi udlala ingcwenga yebhola phakathi nenkundla emuva. Ngesizini edlule usize iClever Boys yakhala yemuka nesicoco se-Absa Premiershi­p neseMTN 8. Nakule sizini uMkhwanazi usize iWits yadla ubhedu kwiTelkom Knockout. I-Pirates imfuna uthuli lo mdlali.

“Umdlali ofana noBuhle ngeke ahlale engafunwa ngamaqembu amakhulu. Into emqoka wukuthi ngaso sonke isikhathi simsize ekutheni athathe isinqumo esizomenza ajabule. IWits yeneme ngomsebenz­i wakhe futhi naye weneme ngokuhlala kwiWits. Yingakho ezosayina inkontilek­a entsha,” kusho uMitchell.

UMkhwanazi kubhekwe ukuthi asize iWits izame ukusuka endaweni embi kwilog ye-Absa Premiershi­p. Leli qembu elingompet­ha beligi lihleli endaweni yesithathu ukusuka emsileni njengoba sekusele imidlalo ewu-10 kuphela kusongwe isizini. Emdlalweni olandelayo weligi iWits izobhekana neLamontvi­lle Golden Arrows ePrincess Magogo Stadium, eMlazi, ngoFebhuwa­ri 17. Izolo ebusuku iZitshuden­i bezibhene neCape Town City emdlalweni weNedbank Cup Last 32. IWits sekuphele iminyaka iphuthwa yilesi sicoco. Yagcina ukusinqoba ngo2010 ngesikhath­i iqumba phansi AmaZulu ngo 3-0 e-FNB Stadium, eSoweto, eGoli. Ngo-2014, iWits iguqiswe yi-Orlando Pirates ngo 3-1 kowamanqam­u eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. UMkhwanazi uyibamba noBongani Khumalo phakathi nenkundla emuva kulezi zinsuku kwazise uThulani “Tyson” Hlatshwayo useyibamba ngakwesoku­dla emuva.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa