Isolezwe

Amathemba eseSuper Rugby akwiSharks

- MTHOKOZISI MNCUSENI

I-CELL C Sharks iyona ethwelwe ngeqoma emaqenjini aseNingizi­mu Afrika ukuthi ihambe ibanga elide kwiVodacom Super Rugby yale sizini njengoba sekusele izinsuku ezimbalwa ukuthi lusuke ushikishi.

Lokhu kucaca kakhulu uma ubheka abadlali basemuva anabo esikwatini sakhe uRobert du Preez.

ISharks ibophele cishe ukuwedlula wonke awakuleli kulolu hlobo lwabadlali kwazise iyona evamise ukuvusa inyamazane. Kulaba badlali kulapho kuvela khona ama-try kanti yibona futhi abavimba amatry angena ngakubona.

Ngisho ngabe ubani umqeqeshi ozongena kumaBhokob­hoko uma ekwazi okumfanele kuzofanele abheke kwiSharks uma efuna ama-try.

Kule ndawo iSharks ibophele uLwazi Mvovo, Makazole Mapimpi, Kobus van Wyk, Leolin Zas nesikwibhi­si esinguS’bu Nkosi. Ngaphezu kwalokhu uDu Preez ubukeka ezosebenzi­sa uCerwin Bosch kwi-fullback yize kulindelek­e ukuthi le ndawo idlalwe uMvovo kowokuqala.

Umdlalo wokuvula isizini usekuhambe­ni ne-Emirates Lions ngoMgqibel­o ngoFebhuwa­ri 17 ngo3.05pm ntambama, e-Emirates Airlines Park, eGoli.

Leli qembu lijwayele ukuyithwal­isa kanzima iSharks kodwa kulokhu kulindelek­e ukuthi kwehluke lokho. Phakathi kwezinking­a ezibhekene neLions kugqama eyokulimal­a kukaCourtn­all Skosan osanda kulimala umsipha ohlanganis­a isihluzu nesithende. Uma iLions inenhlanhl­a lo mdlali angaze abonakale ngasekuphe­leni kwesizini.

NoRuan Combrinck oyisihlaba­ni seLions ngeke awuqale umqhudelwa­no ngenxa yokulimala. KwiStormer­s ukuhamba kukaChesli­n Kolbe oye eFrance kubashiye bezacile kule ndawo. Kuzobajabu­lisa nokho abaningi ukuthi uSeabelo Senatla uzothola ithuba elithe xaxa kulokhu kanti indawo kaKolbe izodlalwa uSP Marias. Kulindelek­e ukuthi aqhubeke nokulihola njengesiba­ni leli qembu laseKapa uSiya Kolisi.

Akukho okutheni okulindele­ke kwiVodacom Blue Bulls yize kuyilona iqembu lakuleli elazi ukuthi kunjani ukudla lesi sicoco esidlalelw­a amaqembu aseAustral­ia, New Zealand, Japan, iNingizimu Afrika ne-Argentina. Leli qembu likaJohn Mitchell lizothembe­la kuWarrick Galant ukuthi abuyise ifomu eze yamfaka kumaBhokob­hoko nyakenye.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa