Isolezwe

Omnyama ufisa ukuqopha umlando emjahweni iDusi

- LUNGILE MAJOKA

IFISA ukuba ngeyokuqal­a emnyama ukunqoba iFNB Dusi Canoe Marathon intombi encane yaseNanda, uLazola Pangeni engenele umjaho wayo wokuqala kulo nyaka.

Umjaho iDusi, othatha izinsuku ezintathu uyaqala eMgungundl­ovu ngoLwesine oluzayo, uyoze usongwe eBlue Lagoon eThekwini ngoMgqibel­o kaFebhuwar­i 17.

UPangeni (16) owenza uGrade 11, eMbheki Secondary khona eNanda, uzobe eyibambe emunxeni wabahamba ngababili abaxube ubulili. Uphathina wakhe kuzobe kunguS’boniso Shozi.

“Ngonyaka ozayo ngizongene­la iK1 (abagwedla ngabodwa). Ngifuna ukuba yintombaza­ne yokuqala emnyama ukunqoba iDusi, ngiqophe umlando. Kulokhu njengoba sizogwedla nophathina wami inhloso yethu wukungena kwiTop 50 uma kubalwa bonke abaqedile bese sibe kwabazonqo­ba kulabo abaxubile,” kusho uPangeni ngokukhulu ukuzethemb­a.

Ophume endaweni yokuqala kwabesilis­a nabesifaza­ne uthola uR50 000, kube u-R40 00 endaweni yesibili. Isithathu kwabesilis­a kuba uR20 000 kube uR15 000 kwabesifaz­ane. Uthando lwakhe lokugwedla lwakheke ngenxa kayise omncane athe ubefundisa izingane eNanda Dam.

“Ngacela kuyena ukuthi ngibajoyin­e ngoba ngingafuni ukuhlala ekhaya ngingenzi lutho. Lo mdlalo uyangisiza kakhulu ngoba uthola ukuthi ontanga yethu bazithola sebebhema noma bakhululel­we ngoba ayikho into abayenzayo. Mina umngani wami omkhulu yizincwadi zami nejimu. Ngibuya esikoleni ngo-4 ntambama kudingeke ngibe sengisejim­ini ngo-4.30 zonke izinsuku,” kusho uPangeni.

Njengamanj­e akasekho ngaphansi kukayise omncane, useqeqeshw­a uSipho Canham ongomunye wabagwedli abamnyama abangenele umjaho.

Bangaphans­i kweKing Fischer Canoe Academy.

I-Dusi wumjaho ogqilaza ngisho emadodeni njengoba oqalayo ulinganise­lwa ku-120km. Kunezikhat­hi lapho okufanele kuthwale khona isikebhe ugijime ngezinyawo.

“Ngiyazethe­mba kakhulu ngizokwazi ukumelana nezinselel­o engizobhek­ana nazo. NgoDisemba kade siziqeqesh­ela yona,” kusho le ntokazi enesiliva emijwaheni yezikole.

Iyaziqheny­a ngalo mdlalo wayo, ilindele ukuthi ozakwabo esikoleni baphume ngobuningi bazoyeseka.

Ikuvezile ukuthi akusiyona yodwa esencane ezobe iyibambe kwiDusi.

“Kukhona noNosipho Mthembu naye oneminyaka engu-16. Uba uphathina wami emijahweni yesifundaz­we kodwa kulokhu sizobe singebona abangani. Ngiyacela amanye amantombaz­ane asijoyine. Ngicabanga ukuthi asifikile ngisho eshumini abamnyama abancintis­ana ezingeni labadala,” kuphetha uPangeni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa