ISwallows asiyibukeli phansi - Davids
I-MARITZBURG United izobhekana neSwallows FC ngoMgqibelo ngo-3 ntambama emdlalweni weLast 32 yeNedbank Cup ngaphandle kwabadlali abane abamqoka.
I-Team of Choice izodlala lo mdlalo ngaphandle kukaDelion Mekoa, Siphesihle Ndlovu, Bevan Fransman noBandile Shandu bonke abadonsa izigwebo zamakhadi aphuzi.
Umqeqeshi weTeam of Choice uFadlu Davids nguyena odalule lezi zindaba ngesikhathi exoxa nabezindaba eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
“Ngaphambi komdlalo wePirates besinabadlali abayisithupha abebelengela engozini yokuphuthwa ngumdlalo olandelayo ngenxa yamakhadi abomvu. Ngicabanga ukuthi ukungabi khona kwalaba badlali ebadonsa izigwebo zamakhadi kuzovulela abanye abadlali ithuba lokuthi baphakamise isandla bakhombise ukuthi basiphatheleni.
“Leli yithuba labanye abadlali lokuthola imizuzu enkundleni. ISwallows yiqembu eliphupha ngezinto ezinkulu yize bedlala kwi-ABC Motsepe League. Lingethusile izinga lika-ABC Motsepe League ngemuva kokubuka eminye yemidlalo yabo. Bayiqembu elidlalayo impela futhi badlala into ehlelekile. Silindele umdlalo onzima. Uma sidlala namaqembu agijima kwiPremier Soccer League asivamile ukusinika inhlonipho. Ngeke ube khona umehluko uma sesidlala neSwallows. Umdlalo ongeke siwuthathe kalula lona. Sizodlalisa iqembu eliqinile ukuze sidlulele emzuliswaneni olandelayo,” kusho uDavids.
I-Team of Choice yenza kahle emidlalweni yeligi okufakazelwa wukuhlala kwayo endaweni yesithupha kwi-log.
“Leli yithuba lokudlulela emzuliswaneni olandelayo. ISwallows asiyibukeli phansi. Abekho abadlali esizobaphumuza. Lona ngumdlalo ofana neminye esihlale siyidlala. Sizobophela iqembu eliqinile ngokwabadlali esinelungelo ukuqoka kubona. Kumele sijike izinto kancane phambili njengoba sekuhambe uRusike (u-Evans osegijima kwiSuperSport United). Kufanele siqhamuke namaqhinga amasha okuthola amagoli. Into emqoka kunazo zonke kithina wukudlulela esigabeni esilandelayo. Iwini sizoyisebenzisa njengamalungiselela emidlalo elandelayo yeligi,” kusho uDavids.
URusike ubewumgogodla weMaritzburg phambili.
“Ukulahlekelwa ngumdlali ofana noRusike yinto eyenzeka umhlaba wonke. Ngeke sisakwazi ukuvala isikhala sakhe. Kumele sizame ukuthola ezinye izindlela zokuhlasela izitha. Ngiyakholelwa kakhulu ku-Andrea Feliccia, Luyanda Ntshangase noMohau Mokate. UTwala (William) udlale imizuzu engu-45 emdlalweni odlule. Sekumele sikhulise imizuzu ayidlalayo. Sizomdlalisa imizuzu engu-60 emdlalweni ilandelayo,” kusho uDavids.