USikhakhane uqalile ukusebenza kwi-Eagles
UQALILE ukusebenza umqeqeshi omusha weRoyal Eagles egijima kwiNational First Division (NFD), uRoger Sikhakhane, ngemuva kwesixakaxaka esidaleke ngesikhundla somqeqeshi Eqenjini.
Izolo sibike ngodaba oluthe zigcwale udaka izinyawo kuKostadic Papic noVladislav Heric abebecija i-Eagles ngemuva kokuqunjwa phansi kweqembu yiHighlands Park ngo 4-0 ngempelasonto emdlalweni weligi.
Izolo i-Eagles ithuse abaningi ifika noHeric esithangamini nabezindaba eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Ebuzwa uHeric ngekusasa lakhe uthe: “Ngokwazi kwami ngisengomunye weqembu. UKosta naye useseqenjini. Ukuthi-ke izinto zizoguqulwa kanjani sizobona. Njengamanje akusona isikhathi esihle sokunitshela ukuthi kwenzekani. Esikuxoxe nezikhulu wukuthi kumele ngibambe kuze kube yonke into iyalungiswa. Asikasithathi isinqumo esingujuqu ngendaba yomqeqeshi. Ukuthi kuzokwenzekani ngabahlalayo nabahambayo sizokwazi kahle namuhla (esho izolo) noma kusasa.”
Nokho sithole ngomthombo wethu ongashayi eceleni ukuthi uSikhakhane uqalile ukusebenza.
“URoger uqalile namuhla (izolo) ntambama ukujimisa iqembu. UHeric uzohlala ngoba kukhona ukungaboni ngaso linye ezikhulwini zeqembu. Kukhona abebefuna bahambe bobabili kanti kukhona abanye abebefuna kudedelwe uPapic kusale uHeric. Ngakho kuthathwe isinqumo sokuthi kukhululwe uPapic. UHeric uzokwelekelela uRoger,” kusho umthombo.
NgeSonto ngo-3 ntambama i-Eagles izodudulana neHappy Wanderers egijima kwi-ABC Motsepe League KwaZulu-Natal emdlalweni weLast 32 yeNedbank Cup eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont.
“Angikhathazakile ngekusasa lami ngoba ngisenenkontileka neqembu. Ngisengomunye weqembu. Njengamanje sidingida indaba yokuthi yisiphi isinqumo esingavuna iqembu. Lapha esithangamini nabezindaba ngithunywe ngumama (uShauwn Mpisane). Ukube usengixoshile ubengeke angithume lapha. Angizenzeli izinto ngokuthanda kwami,” kusho uHeric.
I-Eagles ihlezi endaweni yesithathu uma usuka ekugcineni kwi-log yeNFD. USikhakhane uzohlala okokuqala ebhentshini leqembu ngeSonto.