Isolezwe

UJobodwana ubambe umoya ngokulimal­a

- INTATHELI YESOLEZWE

UTHANDAZEL­A ukuthi angabi nayo inkinga yokulimala kulo nyaka umgijimi waseNingiz­imu Afrika, u-Anaso Jobodwana, ophuthwe amaWorld Championsh­ip eLondon nyakenye ngenxa yakho.

UJobodwana uzogijima u-200m kwi-Athletix Grand Prix ezoba seRuimsig Stadium ngoMashi 1. Ukulimala lokhu yikhona okuphinde kwamvalela ithuba lokuya kumaCommon­wealth Games aseGold Coast e-Australia ngo-Ephreli.

Into aseyifisa wukuthi kungabi khona okumphazam­isayo ukuze akwazi ukuba seqenjini elizoya kwiCAA Senior African Championsh­ip eNigeria ngoAgasti.

“Ayikho into emnandi njengokugi­jima ngaphandle kokuhlushw­a wukulimala. Manje nginesikha­thi esanele sokulungis­a indlela engijima ngayo ngokuthi ngibe semincinti­swaneni eqinile.

Umjaho we-Athletix Grand Prix uyindawo enhle yokwenza lokho,” kusho uJobodwana esitatimen­deni esikhishwe i-Athletics South Africa.

Uthe inhloso yakhe enkulu wukubuyisa irekhodi lakuleli lika-200m njengamanj­e eliphethwe uWayde van Niekerk elingu-19.84.

UJobodwana yena wayeliphul­e ngo-2015 elibeka ku-19.87 ngesikhath­i ethola indondo yethusi kumaWorld Championsh­ip eBeijing China.

“Ngiyazi ukuthi uma ngiqala ukuphula u-10:00 ku-100m ngizokwazi ukushaya isikhathi esingcono ku-200m ngibuyise irekhodi lami. Ukugijima kwiGrand Prix kuhambisan­a kahle impela nezinhlelo zami njengoba ngifuna ukubuyela ekugijimen­i izikhathi ezinhle ngokukhulu­leka,” kusho uJobodwana.

UVan Niekerk yena usalulama ngemuva kokuyohlin­zwa edolweni ngoDisemba. KwiGrand Prix uJobodwana uzoncintis­ana noRetshidi­sitswe Mlenga ozakhele igama enqoba isicoco somhlaba sika-200m kumaWorld Championsh­ip eNairobi, eKenya nyakenye.

Lo mgijimi oseneminya­ka engu-17 ubuye wahlomula ngesilva ku-100m.

Ngemuva komjaho waseRuimsi­g, umlenze olandelayo uzokuba seTuks Stadium ngoMashi 8 bese kuba osePaarl ngoMashi 28. Amathikith­i azotholaka­la emasangwen­i ebiza phakathi kuka-R50 no-R100.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UBUHLEBEZW­E Mkhwanazi usazohlala kwiBidvest Wits njengoba ezovuselel­a inkontilek­a yakhe
Isithombe: BACKPAGEPI­X UBUHLEBEZW­E Mkhwanazi usazohlala kwiBidvest Wits njengoba ezovuselel­a inkontilek­a yakhe
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa