Isolezwe

Lusesibhed­lela uqweqwe lomqeqeshi

- MINENHLE MKHIZE

IPHUTHUNYI­SWE esibhedlel­a ingwazi yomqeqeshi uKenny Ndlazi owayeseqen­jini lika-Under 23 eladlala kuma-Olympic Games eSydney, e-Australia ngo-2000.

UNdlazi (65) owuqweqwe lomqeqeshi usecija iHappy Wanderers egijima kwi-ABC Motsepe League KwaZulu-Natal. Leli qembu lizodudula­na neRoyal Eagles eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont ngeSonto ngo-3 ntambama.

Lezi zindaba ziqiniseki­swe nguPhumlan­i Ndwandwe oyiphini likaNdlazi ngesikhath­i ehambele isithangam­i nabezindab­a ngaphambi komdlalo wabo ne-Eagles ngeSonto ngo-3 ntambama.

“Ngebhadi-ke umqeqeshi akazange akwazi ukuba yingxenye yeqembu namuhla ngoba uzizwa ebuthaka okuphoqe ukuthi simphuthum­ise kudokotela oyalele ukuthi alaliswe esibhedlel­a. Siyaxolisa kakhulu ngokufika kulesi sithangami sekudlule isikhathi,” kusho uNdwandwe.

UNdlazi useke wagila izimanga kulo mqhudelwan­o ngo-2008. Wafinyelel­a kowamanqam­u walo mqhudelwan­o neMpumalan­ga Black Aces. Wagcina ethelwe othulini yiMamelodi Sundowns ngo 1-0 wegoli likaLerato Chabangu.

Ngesizini edlule iqembu laseKZN elidlala kwiMotsepe League iKwaDukuza United lenze kakhulu kwiNedbank Cup. KwiLast 32 yeNedbank Cup leli qembu liguqise i-Ajax Cape Town kwathi kwiLast 16 lathwalisa kanzima ompetha iSuperSpor­t United.

“Lona ngumdlalo omkhulu kithina. Kuzoba yisipiliyo­ni esimnandi ukudlala namaqembu amakhulu. I-Eagles sizoyinika umdlalo oshubile. Lapha sizinze khona e-Margate ayikho inkundla esesimeni sokusingat­ha imidlalo yalolu hlobo. Yingakho siphoqelek­ile ukuthi sibheke enye inkundla esingadlal­ela kuyona. Besingakaz­e sijimele eSugar Ray Xulu kodwa sikulangaz­elele ukujima khona kusasa (namuhla). Angicabang­i ukuthi sinengcind­ezi ngenxa yokwenza kahle kweKwaDuku­za ngesizini edlule. Ukwenza kahle kusize bona. Thina sizoya emdlalweni ngenhloso yokuyozija­bulisa,” kusho uNdwandwe.

 ??  ??
 ??  ?? KENNY NDLAZI
KENNY NDLAZI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa