Ofunwa yiBucs uzovuselela inkontileka neBidvest Wits
UZOKWELULA inkontileka ngeminyaka emithathu umdlali ogaqelwe yi-Orlando Pirates uBuhle Mkhwanazi ogijima kwiBidvest Wits.
Lezi zindaba zitshelwe Isolezwe nguPaul Mitchell weSiyavuma Sport Agency ngesikhathi exoxa naleli phephandaba.
“UBuhle uzosayina inkontileka entsha yeminyaka emithathu neWits. Inkontileka yakhe iphela ngo-2019 kodwa unikwe inkontileka entsha manje. Seneme ngale nkontileka futhi sizoyisayina maduze bese siyibuyisela kwiWits ezinyangeni ezizayo,” kusho uMitchell.
UMkhwanazi udlala ingcwenga yebhola phakathi nenkundla emuva. Ngesizini edlule usize iClever Boys yakhala yemuka nesicoco se-Absa Premiership neseMTN 8. Nakule sizini uMkhwanazi usize iWits yadla ubhedu kwiTelkom Knockout. I-Pirates imfuna uthuli lo mdlali.
“Umdlali ofana noBuhle ngeke ahlale engafunwa ngamaqembu amakhulu. Into emqoka wukuthi ngaso sonke isikhathi simsize ekutheni athathe isinqumo esizomenza ajabule. IWits yeneme ngomsebenzi wakhe futhi naye weneme ngokuhlala kwiWits. Yingakho ezosayina inkontileka entsha,” kusho uMitchell.
UMkhwanazi kubhekwe ukuthi asize iWits izame ukusuka endaweni embi kwilog ye-Absa Premiership. Leli qembu elingompetha beligi lihleli endaweni yesithathu ukusuka emsileni njengoba sekusele imidlalo ewu-10 kuphela kusongwe isizini. Emdlalweni olandelayo weligi iWits izobhekana neLamontville Golden Arrows ePrincess Magogo Stadium, eMlazi, ngoFebhuwari 17. Izolo ebusuku iZitshudeni bezibhene neCape Town City emdlalweni weNedbank Cup Last 32. IWits sekuphele iminyaka iphuthwa yilesi sicoco. Yagcina ukusinqoba ngo2010 ngesikhathi iqumba phansi AmaZulu ngo 3-0 e-FNB Stadium, eSoweto, eGoli. Ngo-2014, iWits iguqiswe yi-Orlando Pirates ngo 3-1 kowamanqamu eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. UMkhwanazi uyibamba noBongani Khumalo phakathi nenkundla emuva kulezi zinsuku kwazise uThulani “Tyson” Hlatshwayo useyibamba ngakwesokudla emuva.