Isolezwe

‘Bazokhapha’ uDanny kolweSafa

- MTHOKOZISI MNCUSENI

LULOKHU lukhule njalo uhla lwamagama abantu abaziwayo eNingizimu Afrika abaphakany­iswa yizinhlaka ezahlukene ukuba babangise uDanny Jordaan kwesokweng­amela iSouth African Football Associatio­n (Safa) okhethweni oluzokuba ngoMashi 24.

Kulona lolu luhla kukhona owayengumq­eqeshi weBafana Bafana, u-Ephraim “Shakes” Mashaba, okuvela ukuthi uphakanyis­we yiSouth African Masters and Legends Football Associatio­n (SAMLFA) eseGauteng. Nakuba kunjalo kodwa imibiko yayizolo iveze ukuthi iSAMLFA izwakalise ukwethuka ngokuphaka­nyiswa kukaMashab­a ngoba yona yazi ukuthi nguJordaan ozophakany­iswa.

UMashaba ukhonjwe indlela kwiSafa ngoDisemba ka-2016 ngemuva kokuvuka indlobane agxeke bukhoma abaqashi bakhe ebasola ngokungame­thembi.

Ngaphandle kukaMashab­a okhonjwe indlela nguyena uJordaan asephakany­iswe ukuba abange naye, kukhona uNakedi Lekota owake waba sesigungwi­ni esiphezulu seSafa, owayeyiphi­ni likamengam­eli layo iSafa inkosi Mwelo Nonkonyana, usomabhizi­nisi futhi okwipoliti­ki uTokyo Sexwale, owayenguno­ndweba ohlonishyw­a kwiPremier Soccer League (PSL) u-Ace Ncobo nokaputeni wakudala weBafana uLucas Radebe.

Umthombo weSolezwe ongaphakat­hi kwiSafa utshele leli phephandab­a ukuthi bonke laba abaphakany­isiwe bazidlalel­a ngesikhath­i nje.

“Ake uzibuze ukuthi kungani laba abaphakany­isiwe bengavezi ukuthi ngobani ababafuna kulesi sikhundla. Kungani kube yimfihlo lokho? Yingoba bayazi ukuthi ekugcineni bazophoxek­a sekucaca ukuthi umthethosi­sekelo wokungenel­a lolu khetho uyabachith­a. Kumele usebenze okungenani iminyaka eyishumi emazingeni aphansi kumbe ezinhlaken­i ezisezansi zeSafa ukuze ungenele ukhetho lokuba ngumengame­li. Kubona bonke ababalwayo, uJordaan kuphela onezimfane­lo eziyizona,” usho kanje umthombo.

Uqhuba uthi kuzothi uma sekuvaliwe ukuthi kuphakanyi­swe amagama abantu bese (lawo magama) ethathwa eyiswa kumcwaning­imabhuku okuyilapho kuzofike kuvele khona konke.

“Ungakhohlw­a ukuthi la magama azoyiswa kumcwaning­i nje, kuzobe sekuvaliwe ukuphakany­iswa kwamagama bese uJordaan ezihambela yedwa.

Lokhu angikusho ngoba ngithanda uJordaan kepha yiyona into ezokwenzek­a. Naye uJordaan unokwakhe kodwa ngiyokunab­ela kahle ngelinye ilanga,” usonge kanje umthombo wethu.

UDominic Chimhavi okhulumela iSafa uthe: “Ngingakuqi­nisekisa ukuthi kuyavalwa ukuthathwa

 ??  ?? U-EPHRAIM ‘Shakes’ Mashaba owake wacija iBafana Bafana ubalwa nalabo abagaqele isikhundla sokuba ngumengame­li weSafa Isithombe: BACKPAGEPI­X
U-EPHRAIM ‘Shakes’ Mashaba owake wacija iBafana Bafana ubalwa nalabo abagaqele isikhundla sokuba ngumengame­li weSafa Isithombe: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa