Indodana kaChicco iphika ukubulala uMeyiwa
ABAKAMASKANDI BAMANGALELA UKHOZI
Zungu Buhle EMandeni: Nazoke ngiyethemba bazoniphendula, sengathi ningahlangana kanje ningabi amahele.
Zakes Maswidi Dube: Bacabanga ukuthi umculo kamaskandi ulandelwa abantu abangafundile nabangakwazi ukulandela izinto ngokwemigomo ondlovu kayiphikiswa yingakho bewubukela phansi.
Welile Hlela: Manje isazosizaphi le nto abayibuzayo ngoba akusekho okuzoshintsha sebathatha abafana beDistruction Boyz futhi sajabula ngalokho. Umaskandi awuke ume nje kancane uma kuhlukaniswa unyaka sifuna uku-jaiva thina asifune kusina ngoma.
Sanerh Ndoh Mbhelerh: Ngokuhlukanisa kukaMroza unyaka sebezitshela ukuthi sebezohlukanisa njalo...abasiyeke bona. Bangazodlala ngoKhozi. Into yangonyaka ophelile isale ngonyaka ophelile. BANINGI ABAXATSHANISWA WU-FACEBOOK
Xolani MzukulukaManyosi Shandu: Okokuqala kubangwa ama-inbox uma umuntu wakho ekhuluma nobunye ubulili ngasese. Iyaxabanisa leyo nto bese kuba yisikhwele ke nje esejwayelekile uthole ukuthi senizoxabana nibange ukuthi uphawule wathini epostini kabani kwasha kwacisha nigcine senibanga nento engathi shu.
Khuh DaFunniest Comfort Mgabhi: Weeeeh ngeke ukubone okunje kwami. Ngimfunge umawami uMaMthethwa, endlini nje amaselula ahlala le kude azwakala ngoba esekhala kuphela, umuntu obhekana nocingo waya waya ubokwazi ukuthi usegangile. Uma nihloniphana nje aniyingeni eyawo. Ngaphandle ke kwale genge yama-BEE, akekho okhuza omunye. Mina wasemjondolo nje angiyingeni.
ITHI yayingeke imbulale uSenzo Meyiwa indodana kaChicco Twala, uLongwe, okusabalele umbhalo ezinkundleni zokuxhumana okhomba yona ngenjumbane ngokufa kowabe engunozinti weBafana Bafana ne-Orlando Pirates.
ULongwe ubekhuluma kwiMetro FM izolo ohlelweni lukaMo Flava noMasechaba.
Ngesikhathi echaza ngokwenzeka kubulawa uMeyiwa eVosloorus, eGoli, ngo-Okthoba 26, 2014, uLongwe uthe wayengeke abulale uSenzo ngoba ungumlandeli we-Orlando Pirates.
Uthe ngalolu suku bahlaselwa ngamadoda amabili ayebafuna imali namaselula.
“Ngaba yigwala kunabo bonke ngoba ngabaleka kuqala. Ngaba ngowokuqala ukuzama ukuvikela ababesendlini. Ngabona ukuthi oyedwa wabo uphethe isibhamu, ngabaleka. Ngizovuma nje ukuthi ngaba yigwala ngalolo suku ngoba ngaphuma kuqala endlini,” usho kanje.
Uthe ngesikhathi emi ngaphandle, uSenzo wangenela walwa nabasolwa futhi wayebahlula ngoba ‘wayengunozinti onamandla’.
ULongwe uthe wayekubo kaKelly ezovakashela udadewabo, uZandile, ayethandana naye ngaleso sikhathi.
“Ngangizomlanda kodwa wacela ukuthi sihlale kubo ngoba unina wayepheke isidlo sasebusuku. Amadoda angena sisadla,” kuqhuba yena.
Ebuzwa ngesibhamu sikayise okuthiwa ‘wabulala’ ngaso uMeyiwa, uthe uChicco akahlukani nesibhamu sakhe.
“Ubaba unezinto eziningi azivikelayo kodwa akanabo abaqaphi ngakho isibhamu sakhe sihlale sikuyena ngaso sonke isikhathi,” kusho uLongwe.
Ngesikhathi abasakazi bempheka ngemibuzo ugcine ezwakala enengeka ngokuthi nguyena yedwa ophendula le mibuzo.
“Kungani kubuzwa mina ngedwa manje? Ukuphi uKelly ngoba naye kumele ngabe ula siphendula naye le mibuzo,” kubuza uLongwe.
Uthe kuyamdabukisa ukuthi abantu sebesola yena futhi uyesaba.
Ethintwa uyise kaSenzo, uMnuz Sam Meyiwa, ngemuva kwengxoxo kaLongwe uthe:“Yonke le nto abeyisho lo mfana iyakhombisa ukuthi wudaba olukhandiwe. Ufike athi endlini nguyena owaba yigwala kunabo bonke abebekhona. Abuye athi wasukuma ezama ukulwa, omunye wabasolwa wamkhomba ngesibhamu waphuma wabaleka. Esesemnyango uthi wezwa kuqhuma isibhamu kathathu kodwa ubuye achaze yonke into eyenzeka endlini. Wayeyibona kanjani yonke le nto esemnyango?” Kusho uMeyiwa.