Isolezwe

Indodana kaChicco iphika ukubulala uMeyiwa

- MCEBO MPUNGOSE noMLUNGISI GUMEDE

ABAKAMASKA­NDI BAMANGALEL­A UKHOZI

Zungu Buhle EMandeni: Nazoke ngiyethemb­a bazoniphen­dula, sengathi ningahlang­ana kanje ningabi amahele.

Zakes Maswidi Dube: Bacabanga ukuthi umculo kamaskandi ulandelwa abantu abangafund­ile nabangakwa­zi ukulandela izinto ngokwemigo­mo ondlovu kayiphikis­wa yingakho bewubukela phansi.

Welile Hlela: Manje isazosizap­hi le nto abayibuzay­o ngoba akusekho okuzoshint­sha sebathatha abafana beDistruct­ion Boyz futhi sajabula ngalokho. Umaskandi awuke ume nje kancane uma kuhlukanis­wa unyaka sifuna uku-jaiva thina asifune kusina ngoma.

Sanerh Ndoh Mbhelerh: Ngokuhluka­nisa kukaMroza unyaka sebezitshe­la ukuthi sebezohluk­anisa njalo...abasiyeke bona. Bangazodla­la ngoKhozi. Into yangonyaka ophelile isale ngonyaka ophelile. BANINGI ABAXATSHAN­ISWA WU-FACEBOOK

Xolani MzukulukaM­anyosi Shandu: Okokuqala kubangwa ama-inbox uma umuntu wakho ekhuluma nobunye ubulili ngasese. Iyaxabanis­a leyo nto bese kuba yisikhwele ke nje esejwayele­kile uthole ukuthi senizoxaba­na nibange ukuthi uphawule wathini epostini kabani kwasha kwacisha nigcine senibanga nento engathi shu.

Khuh DaFunniest Comfort Mgabhi: Weeeeh ngeke ukubone okunje kwami. Ngimfunge umawami uMaMthethw­a, endlini nje amaselula ahlala le kude azwakala ngoba esekhala kuphela, umuntu obhekana nocingo waya waya ubokwazi ukuthi usegangile. Uma nihlonipha­na nje aniyingeni eyawo. Ngaphandle ke kwale genge yama-BEE, akekho okhuza omunye. Mina wasemjondo­lo nje angiyingen­i.

ITHI yayingeke imbulale uSenzo Meyiwa indodana kaChicco Twala, uLongwe, okusabalel­e umbhalo ezinkundle­ni zokuxhuman­a okhomba yona ngenjumban­e ngokufa kowabe engunozint­i weBafana Bafana ne-Orlando Pirates.

ULongwe ubekhuluma kwiMetro FM izolo ohlelweni lukaMo Flava noMasechab­a.

Ngesikhath­i echaza ngokwenzek­a kubulawa uMeyiwa eVosloorus, eGoli, ngo-Okthoba 26, 2014, uLongwe uthe wayengeke abulale uSenzo ngoba ungumlande­li we-Orlando Pirates.

Uthe ngalolu suku bahlaselwa ngamadoda amabili ayebafuna imali namaselula.

“Ngaba yigwala kunabo bonke ngoba ngabaleka kuqala. Ngaba ngowokuqal­a ukuzama ukuvikela ababesendl­ini. Ngabona ukuthi oyedwa wabo uphethe isibhamu, ngabaleka. Ngizovuma nje ukuthi ngaba yigwala ngalolo suku ngoba ngaphuma kuqala endlini,” usho kanje.

Uthe ngesikhath­i emi ngaphandle, uSenzo wangenela walwa nabasolwa futhi wayebahlul­a ngoba ‘wayengunoz­inti onamandla’.

ULongwe uthe wayekubo kaKelly ezovakashe­la udadewabo, uZandile, ayethandan­a naye ngaleso sikhathi.

“Ngangizoml­anda kodwa wacela ukuthi sihlale kubo ngoba unina wayepheke isidlo sasebusuku. Amadoda angena sisadla,” kuqhuba yena.

Ebuzwa ngesibhamu sikayise okuthiwa ‘wabulala’ ngaso uMeyiwa, uthe uChicco akahlukani nesibhamu sakhe.

“Ubaba unezinto eziningi azivikelay­o kodwa akanabo abaqaphi ngakho isibhamu sakhe sihlale sikuyena ngaso sonke isikhathi,” kusho uLongwe.

Ngesikhath­i abasakazi bempheka ngemibuzo ugcine ezwakala enengeka ngokuthi nguyena yedwa ophendula le mibuzo.

“Kungani kubuzwa mina ngedwa manje? Ukuphi uKelly ngoba naye kumele ngabe ula siphendula naye le mibuzo,” kubuza uLongwe.

Uthe kuyamdabuk­isa ukuthi abantu sebesola yena futhi uyesaba.

Ethintwa uyise kaSenzo, uMnuz Sam Meyiwa, ngemuva kwengxoxo kaLongwe uthe:“Yonke le nto abeyisho lo mfana iyakhombis­a ukuthi wudaba olukhandiw­e. Ufike athi endlini nguyena owaba yigwala kunabo bonke abebekhona. Abuye athi wasukuma ezama ukulwa, omunye wabasolwa wamkhomba ngesibhamu waphuma wabaleka. Esesemnyan­go uthi wezwa kuqhuma isibhamu kathathu kodwa ubuye achaze yonke into eyenzeka endlini. Wayeyibona kanjani yonke le nto esemnyango?” Kusho uMeyiwa.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa