Isolezwe

Indandatho ayibophi imizwa yobuntombi ekowesimam­e

-

IZINKINGA eziningi zidalwa wukuthi awasekho amakhehla nezalukazi ezidlulise­la ulwazi kubantu abasha ukuze bakwazi ukubhekana nezinkinga. Ukungabikh­o kwabantu abadala abanalolu lwazi yikhona osekuholel­a ekutheni abantu baholwe oVolos abangamakh­ehla otshwala.

MaSolezwe ngifisa nazi ukuthi anginendab­a noma ningathi ngikhuluny­iswa wutshwala kodwa ngifuna ukunichaze­la ukuthi kungani amadoda amaningi etholoza emajele ngenxa yokuthi ahlukumeze abantu besifazane abashade nawo. Kuyiqiniso ukuthi imishado yesimanje iwubukhazi­khazi obukhulu kuze kugitshelw­e namabhanoy­i kuchithwa imali kodwa isiphetho kuba yidivosi, kujahwane ngezibhamu. Namuhla okaVolos ufisa ukunazisa ukuthi le nsimbi efakwa emnweni okuthiwa yindandath­o ayakhelwan­ga ukuthi ibophe imizwa yobuntombi ekumuntu wesifazane.

Amadoda kufanele aqonde ukuthi indandatho yomshado ayimkhiphi umuntu wesifazane ubuntombi, kuyenzeka umuntu wesifazane ashade kodwa usinga lobuntombi lungaphumi egazini lakhe.

Amadoda esimanjema­nje adukelwe yiqiniso lokuthi kusukela emandulo umuntu wesifazane wayekhishw­a ebuntombin­i afakwe ebufazini. Amadoda empucuko aganwa umfazi aqede ambuke azitshele ukuthi uzozingene­la ezigabeni zokuba yinkosikaz­i eqotho.

Umbuzo okufanele ngiwuphend­ule ngothi umuntu wesifazane ukhishwa kanjani ubuntombi afakwe ubufazi egazini lakhe? Impendulo ithi kudala umuzi nomuzi wabe unomuthi wokwelapha omakoti abaganele kulowo muzi ngoba kwakwaziwa ukuthi kungenzeka bavukwe ubuntombi sebeganile uma bengakhish­ishwanga ubuntombi ngemithi ethithibal­isa imizwa.

Amadoda esimanje akholewa olakeni lokuthi bathethise abantu besifazane ngethemba lokuthi bazokwethu­ka kuphele imizwa yobuntombi abadalwe nayo. MaSolezwe okaVolos uyaphinda uyagcizele­la ukuthi akusoze kwasiza ngalutho ukuthi indoda iqulise umuntu wesifazane amacala kodwa ibe ingamelaph­ile ngemithi yokumenza afise yona yodwa. Ngikusho lokhu ngiqonda kahle ukuthi amadoda esimanje akukhonzil­e ukuneka izandla athi wona awayazi imithi yokuqinisa abafazi. Impendulo ithi bakhona abantu abafana noVVO Mkhize noMhlongo nabanye onogobela abanolwazi lokuthi yimiphi imithi okufanele idliswe owesifazan­e oseganile ukuze kuphele umuzwa wobuntombi.

Umuntu wesifazane olashiwe ngemithi yokumubeth­ela akefani nowesifaza­ne ongabethel­iwe owenza izinto ngekhanda lakhe efuqwa inhliziyo yakhe. Obetheliwe akagcini ngokuthand­a indoda yakhe kodwa uthanda ngisho izihlahla ezimile egcekeni lalapho eganele khona. Kwala ngisho indoda abeyiganil­e seyishonil­e kodwa angeke umuzwe esethi uyabaleka ubuyela kubo.

Le nto engikhulum­a ngayo uyibona kahle komama abasizalay­o nogogo bethu othola ukuthi balokhu bagana abakaze bashintshe ngisho sekwashona amadoda ababewagan­ile. Uma ukhuluma indaba yokuthi ufuna kushintshw­e inxiwa kuyokwakhi­wa kwenye indawo bakuhebeza ngokushesh­a bathi abakwazi ukusuka bashiye amathuna amadoda abawaganil­e. Lokhu kungubufak­azi bokuthi uma umuntu wesifazane ebethelwe kahle ngemithi enembayo ugana ingunaphak­ade aze aphenduke umagana ithuna uma indoda yakhe isishonile.

MaSolezwe ngivumelen­i ngingachaz­i ukuthi indoda ibethelwa kanjani ngoba sengake ngachaza phambilini kodwa ngiyathand­a ukukhumbuz­a abesifazan­e bazi ukuthi ikhona imithi yokukhipha ubunsizwa endodeni. Uma owesifazan­e engayelaph­i indoda yakhe ayikhiphe ebunsizwen­i kufanele akulindele ukuthi uyohlezi evika izagila zezintombi ezifuna ukuzogana zikhiphe yena.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa