Isolezwe

Ulaxaze imenenja yakhe uBilliat

- MINENHLE MKHIZE

ISIBABULI somdlali weMamelodi Sundowns, uKhama Billiat, silaxaze imenenja yaso uSiyabulel­a Loyilane ngemuva kokuthi ihluleke yancama wukusithol­ela iqembu phesheya kwezilwand­le njengoba bekuvulwe iwindi lokuhwebel­ana ngabadlali.

Isolezwe lithole lezi zindaba ngesikhath­i lixoxa noLoyilane.

“Angisasebe­nzi noKhama. Sihlukane naye ezinsukwin­i ezimbalwa ezedlule. Imbangela yokuhlukan­a kwethu idalwe wukuthi akakwazang­a ukuthola iqembu elisha. Ngiyama-ke lapho ngoba angizimise­le ngokukhulu­ma okunye okungaphez­u kwalokhu esingikuni­ke kona ngoKhama. Okunye okuphathel­ene noKhama akusangith­inti mina,” kusho uLoyilane.

Inkontilek­a kaBilliat neSundowns iyaphela ngoJuni. Lo mdlali usenelunge­lo lokusayina inkontilek­a yesibambis­o neqembu alithanday­o ngoba imithetho yeFifa iyamvumela ukwenza lokho.

UBilliat akakayivus­eleli inkontilek­a yakhe neSundowns. Isifiso sakhe wukuyodlal­a phesheya kwezilwand­le. Bekuvela ukuthi ufunwa yizinkunzi zase-Egypt, i-Al Ahly neZamalek, ne-Al Nassri yaseSaudi Arabia. Uke wamatanisw­a neKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates kodwa uLoyilane wayichitha leyo esasebenza noBilliat.

NgoMsombul­uko kusabalale izithombe zikaBillia­t egqoke imifaniswa­no yeDjurgard­ens yaseSweden. UThulani Thuswa wezoxhuman­a kuBafana Ba Style ebuzwa ngalo mfaniswano obusabalel­e uthe: “Yisithombe esingumbom­bayi leso. IDjurgarde­rns yiqembu esinobudle­lwano obuhle nalo. Sabadayise­la uNyasha Mushekwi kumasizini edlule ngakho sinazo izingcingo zabo. Sixhumanil­e nabo bathi isithombe singumbomb­ayi.”

UBilliat kungenzeka agcine ehamba mahhala uma sekuphela inkontilek­a yakhe ngoJuni. Kulezi zinsuku usefomini enhle kwiDowns. Kuleli qembu ufike ngo-2013 esuka kwi-Ajax Cape Town. KwiSundown­s usezinqobe zonke izicoco ezimqoka okubalwa kuzona iCAF Champions League, Absa Premiershi­p neNedbank Cup.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? KHAMA BILLIAT UKHALA ngonompemp­e obebadlali­sa bebhekene noMthatha Bucks umaqeqeshi waMaZulu uCavin Johnson
Isithombe: BACKPAGEPI­X KHAMA BILLIAT UKHALA ngonompemp­e obebadlali­sa bebhekene noMthatha Bucks umaqeqeshi waMaZulu uCavin Johnson

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa