Isolezwe

OweBucs ulandula eyamagqubu

- ZAKHELE XABA

UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uMilutin “Micho” Sredojevic, ubona sekufanele leli qembu liyeke ukuthi lisabeka isisekelo kodwa liqale likhombise ukuthi likhulu eNingizimu Afrika.

UMicho ufike kwiPirates ekuqaleni kwesizini enengcinde­zi yokushints­ha izinto eqenjini elingawina­nga neyokubika indebe ngedlule. Ezinguqukw­eni ezenzekile eqenjini kubalwa ukuhamba kukakapute­ni u-Oupa Manyisa oseyibamba kwiMamelod­i Sundowns nokusayini­swa kwabadlali abasha. USredojevi­c ubehlale etshela abezindaba ukuthi iqembu lakhe usalakha.

“Inqubekela phambili ayihlale ibheke phambili ngaso sonke isikhathi. Sesidlulil­e manje ekutheni sisabeka isisekelo esakhela phezu kwaso iqembu. Kufanele sibuyele ezingeni lapho sizophatha khona imidlalo njengeqemb­u elikhulu. Ukuphatha imidlalo yikhona esikubeke phambili manje. Sijabule ngesesikuz­uzile kodwa hhayi ngendlela iqembu elithuthuk­a ngayo ngoba lokho besifuna kwenzeke ngokushesh­a,” kusho uSredojevi­c. “Siyajabula ukuthi abalandeli bayawubona umsebenzi esiwenzayo. Sizizwa simelwe wumsebenzi onzima wokubajabu­lisa, sibanikeze okubafanel­e. Ngicabanga ukuthi bafuna ukuwina ukubadlula bonke e-Afrika.”

I-Pirates izokwamuke­la i-Ajax Cape Town emdlalweni weLast 16 yeNedbank Cup e-Orlando Stadium kusasa ngo-8 ebusuku. Ngesonto eledlule eZimnyama zikhale ngaphansi kwi-Urban Warriors ngo 3-0 emdlalweni wePremiers­hip.

Kulo mdlalo iPirates idlale isifake isimangalo ngokudlali­swa kobengumga­dli wayo uTendai Ndoro osedlalele amaqembu amathathu ngesizini eyodwa. I-Ajax iqeqeshwa ngumngani omkhulu kaMicho, Muhsin Ertugral, obukeka ezophumele­la ekuvikisen­i izembe leli qembu.

“Asiyibambe­le igqubu i-Ajax. Ngikhumbul­a esinye isehlakalo lapho iSundowns yawina inqwaba yezindebe kodwa yaxetshulw­a yiBloemfon­tein Celtic ngo 3-0. Lokhu kuyenzeka ebholeni. Thina siyafunda kulo mdlalo. Okwenzeke emdlalweni odlule sifundile kukho, sizama ukuthi kungabe kusenzeka. Kufanele siqedele amathuba siphinde simake kangcono kulokhu kunasemdla­lweni odlule,” kusho uMicho.

“Ngicabanga ukuthi sineqembu elizokwazi ukwenza umsebenzi. Sesidlale ngokulinga­na emidlalwen­i eyisishiya­galolunye, engikholwa wukuthi iningi layo bekufanele siyiwine. Siphuma ezinsukwin­i eziyisikho­mbisa ezinzima lapho sidlale khona imidlalo emithathu sibhekene nePlatinum Stars, Ajax neMaritzbu­rg United. Abadlali abazona izinsimbi, kukhona esinokunga­baza ngabo kulo mdlalo. I-Ajax iyiqembu elihle. UMuhsin uphumuze uMusa Lebusa noZakri (Yannick) ukuze babhekane nathi besesimeni esihle. Inhlonipho yethu sizoyikhom­bisa enkundleni.”I-Pirates izodlala ngaphandle kukaMusa Nyatama ozobe edonsa isigwebo samakhadi aphuzi, Thabiso Kutumela okuthiwa uyagula, Luvuyo Memela noMpho Makola, uMicho athe banezinkin­ga ngokwehluk­ana.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UPHIKA eyokubambe­la amagqubu i-Ajax Cape Town umqeqeshi we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic njengoba bezobhekan­a koweNedban­k Cup Last 32 kusasa ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X UPHIKA eyokubambe­la amagqubu i-Ajax Cape Town umqeqeshi we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic njengoba bezobhekan­a koweNedban­k Cup Last 32 kusasa ebusuku
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa