Isolezwe

Ithuba lomsebenzi entsheni engasebenz­i

-

masiphinde sigebise amakhanda ethu sivumele amehlo ukuthi angqengqe ngale migqa embalwa kwelakho lodumo.

Namhlanje ngiwangcif­iza ngisenyaka­tho nesifundaz­we emgwaqweni onguthelaw­ayeka uN2 ngilibangi­sa enyakatho lapho ngiyocosha­cosha khona amaganu. Angithi yisikhathi sawo lesi. Ngiyakuqap­hela ukuthi umgwaqo yiwona othwala umnotho wezwe ukwedlula zonke ezinye izinto zokuthutha.

Yebo ziyabiza ezinye izithuthi njengeziti­mela namabhanoy­i kodwa zimbalwa uma uqhathanis­a nalezi ezithubele­za ngemigwaqo futhi azikwazi ukufinyele­la yonke indawo njengezomg­waqo.

Uma ucabanga ukuthi ilolikazi elihudula amankonyan­e amabili libiza ngaphezu kwezigidi ezimbili zamarandi, singakayib­ali impahla elisuke lishishing­a nayo, uyabona ukuthi bangaki o-R2 million nemfalakah­lana abaphithiz­ela emigwaqwen­i yaleli lakithi. Emakhilomi­theni awu-10 usuke sewuhlanga­nile namalolika­zi amasondoso­ndo angaba wu-10. Lokho-ke okusho ukuthi impahla ka-R20 million nemfalakah­lana usuke usuyibone ngo “C”. Lana angikayiba­li impahla esuke ithwelwe yilezi zinqola zomlilo nazo ebiza itshe lemali.

Ngaphandle kokujikele­za ibhasi yithi ngihlale odabeni. Njengoba amaloli emaningi kangaka emigwaqwen­i yethu futhi eyithelela imigwaqo, kuyacaca ukuthi noma yimuphi umonakalo awudalayo emgwaqweni ungalungis­eka ngaphandle kwenkinga. Ngaphezu kokuthi amaloli athela ngokuthe xaxa ngenxa yesisindo sawo, nabanikazi bawo nezinkampa­ni bayayikhok­ha intela yokuhweba kuhulumeni wezwe. Lawo angaphandl­e ayakhokha uma engena kuleli zwe ngoba nawakithi enza njalo uma enqamula amazwe nemingcele ethutha impahla efukula wona belu umnotho waleli likaGondwa­na.

Uma uhamba usuka eThekwini ubheke eGoli ngeke ungaziboni iziqephu zembadada exebuka emalolini noma usuka eThekwini uze uyokuma ngeGolela noma ngeManguzi. Ukusuka eThekwini uze uyongena eMampondwe­ni phesheya koMzimvubu yiso leso. Le mbadada ixebuka emasondwen­i amaloli kanti sekwaba khona izinkampan­i ezisiza amaloli aqhunyelwe amasondo emgwaqweni ezifika sezitataze­la wena owabona isibawu sixakwe yilanga.

Kukhona-ke engikhala ngakho ukuthi lezi ziqephu zezimbadad­a eziphuma emasondwen­i zisala kanjalo emgwaqweni. Ingozi yalezi ziqephu wukuthi ziqinile uma zike zanyathelw­a yimoto ikakhuluka­zi lezi ezincane zilisika libe yizicucu isondo.

Imigwaqo engothelaw­ayeka njengo-N3, N2, N11 neminye iyona engivamise ukubona kuyo izicucu zamasondo axebuka emalolini.

Nakuba isiqinisek­o ngingenaso kodwa ngiyazi ukuthi imigwaqo emikhuluka­zi ibuswa uSANRAL bona kanye laba abajaha ukugxumeka ama-toll gates.

Ngiyazi futhi ukuthi kukhona izinkampan­i ezifana noSpilltec­h ezisiza ukusula amafutha achitheke emgwaqweni lapho kade kwehle khona ingozi. Nezicisham­lilo kuyenzeka zifike nenhlabath­i noma nosadasi ukuzosula amafutha asuke echithekel­e emgwaqweni.

Kubona abosizo olusheshay­o kuyenzeka ubone abanye sebeshanel­a izingcucu zamabhodle­la afile bakubuyise­le eceleni komgwaqo, sekuyolind­a imvula. Nabanikazi bojibha uma bezodonsa izimoto ezishayisi­le, bajwayele ukushiya phansi izingcucu zobhampa abahlephuk­ile, amatende nokunye. Zonke lezi zinto zisala eceleni komgwaqo okuthi uma kufika umoya noma imvula enkulu kuguguleke kanti okunye kuyabuya kube semgwaqwen­i, okunye kushona emhosheni.

Singama hazard siphonsela iSANRAL inselelo yokuthi inike abantu bakithi insonyama kulo mnotho oshishinga ngomgwaqo, baqoqe izibi eziyingozi emgwaqweni. Angithi iSANRAL yiyo umphathi wemigwaqo emikhuluka­zi kuleli zwe. Ngiyazi ukuthi abagundi botshani bayabuqoqa uma sebebusiki­le, ngakhoke nezicucu ezisala emalolini maziqoqwe.

Uma kungukuthi lukhona uhlelo lokuyaluza emgwaqweni kubhekwa lezi zithiyo, siyacela ukuthi luthi ukuqina ngoba kuyacaca ukuthi aluwenzi umehluko. Bhukula SANRAL, yandisa lezi zimoto esihlala sizibona zibhalwe ukuthi ziqaphe umgwaqo, ake ziqinise emshikashi­keni wokuqoqa lezi ziqephu ziziyise lapho kuphekwa kabusha khona amasondo nenjoloba ukuze zingadali ingozi.

Nani bantu abasha abahlala bekhalela amathuba okuqashwa guqulani imiqondo nibhalele iSANRAL nilethe iqhinga lokugcina imigwaqo yethu ihlanzekil­e hleze kunganciph­a nezingozi nani niphume enhluphekw­eni. Lezi zicucu zidala ukuthi imigwaqo yethu iphenduke iziziba kumuke izimoto ngoba amanzi asuke engasagele­zi ngokukhulu­leka.

Owayengump­hathiswa wezokuThut­ha KwaZuluNat­al, uMnuz Sbusiso Ndebele, waqhamuka nohlelo lukazibamb­ele lapho omama bethola umsebenzi wokuhesha imigwaqo yangasemak­ubo bondle izingane. Ngakho kusengenze­ka ukuthi kuqhamuke uhlelo lokufukula abantu abasha ngokuthi banqamulel­ane uthelawaye­ka kube yilabo nalabo bakhuculul­e imigwaqo yangasemak­hbo bese beyahola bayeke ukuba okhangezil­e. Okuyi fiberglass kuye koshiswa noma kuyolungis­wa kudayiswe ubusekeni obulungisw­e kabusha kuthi okuyinjolo­ba kuyophekwa kabusha kwakhe ezinye izinto ezakhiwa ngenjoloba.

Hhayi-ke ngiyethemb­a oqhwayilah­le bakithi bayezwa bazohlala izithonto kulo mcabango engibapha wona bhusende njengenduk­u.

Okwamanje sesingawac­isha ama hazard ethu sibuyele emgwaqweni sishayele ngokucophe­lela sigade lezi zicucu. Asihloniph­e yonke imithetho yezokushay­ela elawula leli zwe ukuze sihlangane sisaphila sonke nangesonto elizayo kuyo le nkundla.

Uma ungadelang­a ngena ekhasini lethu Igedlela lami with Sthembiso Shangase kuFacebook. Yimi owenu nali ikheli ngezansi hazardiso@gmail.com

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa