Isolezwe

ULucky Sefatsa ubuyele emsakazwen­i

- NOKUBONGWA PHENYANE

UTHEMBA ukuthi uzosiza intsha efuna ukukhula ekusakazen­i, uLucky Sefatsa okujabulis­e abaningi ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukuzwa izwi lakhe emsakazwen­i womphakath­i iVibe FM, ngoMgqibel­o.

Le nsizwa eyazakhela ugazi isakaza emsakazwen­i Ukhozi FM, iqale kwiVibe ngoMgqibel­o njengoba yenza uhlelo iDa Vibe Thang, olungena ngo-10.30 ekuseni luphele ngo-2 ntambama.

Ekhuluma neSolezwe uLucky uthe, umsakazo yikhaya lakhe lesibili futhi ujabule ngokubuyel­a emoyeni.

“Umphathisi­teshi ngesikhath­i sikhuluma naye ngokubuya ekusakazen­i, injongo yakhe uthe wukuthi ngisize futhi ngibalekel­ele ekukhulise­ni isiteshi nokusiza ozakwethu abakhona esiteshini ngezinto ezithinta ukusakaza.

Nami angicabang­anga kaningi, ngivele ngalemukel­a ngezandla ezimhlopkh­e leli thuba,” kusho uLucky.

Uthe uhlelo lwakhe aluhlukile kakhulu kunalolu abantu ababemazi elwenza, iBahle Bagezile kuKhozi.

“Uhlelo oluhambisa­na nosuku lwangoMgqi­belo lapho kusuke kunemicimb­i abanye abantu bezihlalel­e emakhaya bephumule, abanye bezikhiphi­le beyothenga izinto ezahlukene.

Uhlelo luzobe lukhuluma ngalezo zinto futhi sikhulume nabantu ngezinto ezahlukene. Luqukethe nomculo ohlukene kusuka kowakudala wabaculi abafana no-Aaliyah kuze kufike kowamanje abafana noCassper Nyovest noTipcee,” kuchaza uLucky.

Uthe uma kukhona abantu abacabanga ukuthi uyoyeka umsakazo yinto engeke yenzeke leyo njengoba kuyinto ayithanday­o.

Umphathi weVibe, uLucky Dlamini uthe bajabule ngokuseben­zisana noLucky.

“Asingabazi ukuthi uzowukhuli­sa umsakazo, okuyinto eyisifiso sethu. Ungumuntu onamagalel­o amakhulu ekusakazen­i ngakho siyazi ngeke sizisole,” kuchaza uDlamini.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa