Isolezwe

Iwele ligwaze elinye lafa kubangwa intombi

- NOKUBONGWA PHENYANE

USADIDEKIL­E umndeni wamawele aseMvutshi­ni, eManguzi, okuthe entathakus­a yayizolo elinye lagwaza elinye lafa kubangwa intombi yomzala wawo.

UBonginkos­i Mthembu (30) ugwazwe wafa yiwele lakhe ebelifuna ukuhamba liye ekhaya nentombi yomzala walo abahlangan­e nayo endaweni yobumnandi.

Ngokuthola kweSolezwe ngephoyisa elingaguny­aziwe ukukhuluma nabezindab­a, iwele okuthiwa libulele kuvela ukuthi lingumuntu ohluphayo ekhaya, ikakhuluka­zi uma libukhile.

“Umsolwa kuvela ukuthi ubehamba nomzala wakhe besejoyint­ini. Ube eseqasha imoto ngoba efuna ukuhamba nentombi yomzala wakhe ebeseyeqiw­e izinkamba zikaFaro. Imoto uyitholile wathatha intombi yomzala wakhe wayigibeza kuyo bahamba,” kusho iphoyisa.

Liqhuba iphoyisa lithe umzala walaba uthe ebona ukuthi intombi yakhe isihambe nomsolwa kula aphuthume khona ekhaya eseyobafun­a.

“Ubaficile ekhaya intombazan­e ilele, kwasuka umsindo kwaze kwavuka unina noyise bezokhuza ingxabano. Umzala wakhe ubatshelil­e ukuthi umsolwa uhambe nentombi yakhe. Umufi naye uqhamuke kusenjalo wakhuza obekwenzek­a kanti usegadlile kumsolwa zathathana. Umsolwa uthathe ummese wamgwaza waphelela khona lapho,” kuchaza iphoyisa.

Lithe ngemuva kwalokho umsolwa akukho akwenzile ngoba ubedakiwe kwaze kwafika amaphoyisa.

“Kube nzima ngisho ukukhuluma naye njengoba ubephuzile. Nentombaza­ne ivuke sekuqhuma isililo ingazi nokuthi ikuphi,” kuchaza iphoyisa.

Uyise wamawele, uMnuz Simon Mthembu, uthe imphathe kabi indaba yokulimaza­na kwamadodan­a akhe.

“Lo obulele iwele lakhe ubengumunt­u ohluphayo kakhulu uma ephuzile. Wake wakhiphela unina ummese ngenxa yakho njalo ukweqisa ezinkamben­i. Umufi ubezithule­la ephansi engayithan­di impi,” kuchaza yena.

Uthe uvuke sekunomsin­do emzini wakhe umsolwa eselwa nomzala wakhe kubangwa intombazan­e.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, ukuqinisek­isile lokhu wathi kuvulwe icala lokubulala. Uthe umsolwa uzovela namhlanje enkantolo kaMantshi

yaseManguz­i.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa