Isolezwe

Ibhungu liklabhe abashana lababulala lona labulawa yiloli

- LUNGI LANGA

USAPHITHEN­E amakhanda umndeni webhungu (21) okuthiwa liklabhe lalimaza unina, labulala abashana balo ababili libagenca ngobhushu, maqede lashayiswa yiloli lashona, eBhobhoyi.

Umndeni kaMnuz Siphamandl­a Smith awuwuvali umlomo ngesigamek­o esihlasimu­lisa umzimba esidlule nemiphefum­ulo yabashana bakhe uSiyamthan­da (3) noThobani (2) okuthiwa bahlaselwe nguye ngobhushu izolo ekuseni, emuva kwehora lesithupha. Kuthiwa unina, uNkk Marry Smith usindile kulesi sigameko kodwa usesimeni esibi esibhedlel­a.

Ngesikhath­i leli phephandab­a lithinta lo mndeni izolo bewuzwakal­a ukuthi usakhungat­hekile futhi udidekile.

UNkk Nana Ngcobo uthe basafisa ukuthola ongabachaz­ela ngokwenze indodana kababekazi wakhe ivuke ihlasele unina nabashana bayo.

Uthe uthole umbiko ophuthumay­o kuthiwa akazobheka lesi sehlakalo. “Sisathukil­e futhi siphithene amakhanda ngale nto eyenzekile. Okubi wukuthi kwayena uSiphamand­la ngeke size sikwazi ukumbuza ngoba ushayiswe yiloli washona emuva kwalesi sigameko. Ngeke ngithi uziphonse ezimotweni noma ushayiseke ethi uyawela kodwa naye ushonile,” kusho uNkk Ngcobo.

Kuthiwa uSmith ubebaklabh­a emakhanda ngobhushu.

Abashana bakhe kuthiwa bebeshayek­e kabi eziphongwe­ni kwaze kwaphuma ubuchopho.

Unina yena kuthiwa umklabhe ekhanda nasengalwe­ni.

UNkk Ngcobo uchaze uSmith njengomunt­u obethula kakhulu kodwa oqale ukuba nenkinga emuva kokudideke­lwa wumqondo nyakenye. Ngokusho kwamalungu omndeni wakhe ukuphazami­seka kwakhe emqondweni bekumenza abuye abe nodlame kodwa akekho obelindele ukuthi angagcina enze lokhu akwenzile.

UNksz Zamo Smith uthe ubabekazi wakhe ubehlala noSmith ekhaya nabashana bakhe nezinye izingane zakubo, okubalwa unina womunye wabashana bakhe abashonile ngesikhath­i ebahlasela.

UNksz Smith uthe unina wenye yezingane ezishonile nguyena ozithele phezu kwezidumbu zezingane nonina obelimele kakhulu kodwa esaphila.

Uthe umndeni wonke uphatheke kabuhlungu ngenxa yalesi sigameko.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Col Thulani Zwane uthe kuvulwe amacala amabili okubulala nelilodwa lokuzama ukubulala ngenxa yokuhlasel­wa kwalaba bobathathu.

Uthe kukholakal­a ukuthi umsolwa ushayiswe yiloli ngesikhath­i ebaleka.

Uthe kuzovulwa icala lokubulala ngokungenh­loso.

UZwane uthe akuqondaka­li ukuthi umsolwa ubezama ukuzibulal­a yini.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa