Umthandazi uzodilikelwa yijele ngokudlwengula isiguli
IGWETSHWE udilikajele inyanga (62) eyadlwengula umfana (14) eyayimelapha.
Kuthiwa lo mlisa wadlwengula ephindelela umfana owayeyisiguli sakhe ethi uyamelapha.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthe ngeledlule iNkantolo yesiFunda eMadadeni igwebe lo mlisa udilikajele ngecala lokudlwengula isiguli sakhe.
Kuthiwa inyanga ephinde ibe ngumthandazi yadlwengula lo mfana iphindelela ngoMashi 2016.
“Umfana wahanjiswa ngumndeni wakhe enyangeni ngoba egula. Babekholwa ukuthi inyanga izomsiza. Inyanga yatshela umndeni walo mfana ukuthi kukhona okungahambi kahle kuye. Yabatshela ukuthi kuzodingeka ukuthi bamlethe endlini yayo njalo ebusuku. Umgilwa wayiswa kulo muzi izinsuku ezintathu zilandelana,” kuchaza uZwane.
Kuthiwa umgilwa wenqaba ukuphindela enyangeni ngosuku lwesine. Kuthe uma ephenywa kabanzi ngokuthi kungani esangafuni ukubuyela, yaphuma indaba.
Umfana wathi inyanga beyimdlwengula njalo ebusuku imtshela ukuthi iyamelapha ngokulala naye.
Lolu daba lubikwe emaphoyiseni lwase ludluliselwa ethimbeni eliphenya amacala athinta udlame emindenini nokuhlukunyezwa ngokocansi izingane. Kuthiwa umsolwa ube eseboshwa ngokushesha wagcinwa ngaphakathi kwaze kwabe kufika isikhathi sokuqulwa kwecala lakhe nokuyilapho egcine egwetshwa udilikajele.
Khonamanjalo, kwesinye isigameko umlisa ona-27 naye ugwetshwe udilikajele ngecala lokudlwengula udadewabo (12) abangazalwa ndawonye naye.
Kuthiwa lo mlisa wabhadanywa ngumfowabo omncane egone lengane esendlini yangasese ngoMeyi 2012. Umfowabo omncane wabika lesi sigameko kubazali. Kuthe uma ebuzwa ngalokhu lo mlisa
waphika. Lo mlisa wabe esebalekela kubo kanina eDriefontein. Umgilwa wakuqinisekisa ukuthi lo mlisa wayemdlwengula. Wathathwa wayiswa kudokotela naye owathi uma emhlola wathola ukuthi udlwenguliwe. Naleli cala lidluliselwe ophikweni oluphenya amacala emindeni nokuhlukunyezwa kwezingane ngokocansi eNewcastle. Umdlwenguli walandelwa waze waboshwa eseDriefontein ngoJanuwari 2013. Wagcinwa ngaphakathi kwaze kwaba iNkantolo yesiFunda eMadadeni imthola enecala lokudlwengula yamgweba udilikajele. Obambe kwesokuba nguKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uMajor General Bheki Langa, uncome amaphoyisa ngomsebenzi omuhle. Uthe unethemba lokuthi lezi zigwebo zizothumela umyalezo ocacile nakwabanye abadlwenguli.