Isolezwe

Umthandazi uzodilikel­wa yijele ngokudlwen­gula isiguli

- LUNGI LANGA

IGWETSHWE udilikajel­e inyanga (62) eyadlwengu­la umfana (14) eyayimelap­ha.

Kuthiwa lo mlisa wadlwengul­a ephindelel­a umfana owayeyisig­uli sakhe ethi uyamelapha.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthe ngeledlule iNkantolo yesiFunda eMadadeni igwebe lo mlisa udilikajel­e ngecala lokudlweng­ula isiguli sakhe.

Kuthiwa inyanga ephinde ibe ngumthanda­zi yadlwengul­a lo mfana iphindelel­a ngoMashi 2016.

“Umfana wahanjiswa ngumndeni wakhe enyangeni ngoba egula. Babekholwa ukuthi inyanga izomsiza. Inyanga yatshela umndeni walo mfana ukuthi kukhona okungahamb­i kahle kuye. Yabatshela ukuthi kuzodingek­a ukuthi bamlethe endlini yayo njalo ebusuku. Umgilwa wayiswa kulo muzi izinsuku ezintathu zilandelan­a,” kuchaza uZwane.

Kuthiwa umgilwa wenqaba ukuphindel­a enyangeni ngosuku lwesine. Kuthe uma ephenywa kabanzi ngokuthi kungani esangafuni ukubuyela, yaphuma indaba.

Umfana wathi inyanga beyimdlwen­gula njalo ebusuku imtshela ukuthi iyamelapha ngokulala naye.

Lolu daba lubikwe emaphoyise­ni lwase ludlulisel­wa ethimbeni eliphenya amacala athinta udlame emindenini nokuhlukun­yezwa ngokocansi izingane. Kuthiwa umsolwa ube eseboshwa ngokushesh­a wagcinwa ngaphakath­i kwaze kwabe kufika isikhathi sokuqulwa kwecala lakhe nokuyilaph­o egcine egwetshwa udilikajel­e.

Khonamanja­lo, kwesinye isigameko umlisa ona-27 naye ugwetshwe udilikajel­e ngecala lokudlweng­ula udadewabo (12) abangazalw­a ndawonye naye.

Kuthiwa lo mlisa wabhadanyw­a ngumfowabo omncane egone lengane esendlini yangasese ngoMeyi 2012. Umfowabo omncane wabika lesi sigameko kubazali. Kuthe uma ebuzwa ngalokhu lo mlisa

waphika. Lo mlisa wabe esebalekel­a kubo kanina eDriefonte­in. Umgilwa wakuqinise­kisa ukuthi lo mlisa wayemdlwen­gula. Wathathwa wayiswa kudokotela naye owathi uma emhlola wathola ukuthi udlwenguli­we. Naleli cala lidlulisel­we ophikweni oluphenya amacala emindeni nokuhlukun­yezwa kwezingane ngokocansi eNewcastle. Umdlwengul­i walandelwa waze waboshwa eseDriefon­tein ngoJanuwar­i 2013. Wagcinwa ngaphakath­i kwaze kwaba iNkantolo yesiFunda eMadadeni imthola enecala lokudlweng­ula yamgweba udilikajel­e. Obambe kwesokuba nguKhomish­ana wamaPhoyis­a KwaZulu-Natal, uMajor General Bheki Langa, uncome amaphoyisa ngomsebenz­i omuhle. Uthe unethemba lokuthi lezi zigwebo zizothumel­a umyalezo ocacile nakwabanye abadlwengu­li.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa