Lisithethile isikhulu sezemfundo icala lemali
LUMKHIPHE phambili uphenyo loMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMqondisi walo mnyango esifundeni uMlaza, uMnuz Bheki Ntuli, ngamacala athinta imali.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni uMnuz Mthandeni Dlungwane othe uNtuli uphume phambili ophenyweni obelwenziwa ngumnyango.
UDlungwane ubechazela amalungu esiShayamthetho sesifundazwe ngoLwesihlanu ngebanga eselihanjiwe ngamacala aphenywayo athinta izikhulu zalo mnyango.
Amanye amacala aphenywayo ngelithinta umphathi wezimali osamisiwe nezinye izikhulu zalo mnyango ezimisiwe, ezinye sezikhonjwe indlela.
Kuthiwa esinye sezikhulu saxoshwa nge-sms ngoKhisimusi nyakenye.
“Amanye amacala asaqhubeka, amanye sesinqumile ngawo. Elithinta uMqondisi womnyango eMlaza icala laphothulwa, waphuma phambili,” kusho uDlungwana etshela lawa malungu. UNtuli unqabile ukuphawula ethintwa mayelana nokuphuma phambili kuleli cala, wathi akavumelekile ukukhuluma nabezindaba ngoba bakhona abantu abakhulumela umnyango. Umeluleki wezomthetho kaNtuli, uMnuz Sipho Sithole, uthe izinkinga zikaNtuli zaqala ngo2016 ngesikhathi lesi sifunda sinconywa nguNgqongqoshe kazwelonke uNkk Angie Motshekga ngokwenza kahle.
Uthe uNtuli wawina umklomelo wokuvakashela eKenya, asola ukuthi yikhona okwamdalela amazinyo abushelelezi kozakwabo nasezikhulwini zomnyango.
“Wakhelwa uzungu, wabekwa amacala athinta imali. Kwenziwe uphenyo wabekwa amacala, adonsa unyaka wonke. Amhlukumezile lawa macala wagqigqa kubameli, wachitha cishe uhhafu wesigidi (samaRandi) ekhokhela abeluleki bezomthetho ukuze azivikele. Siyajabula ngokunqoba njengoba etholakale emsulwa, lokhu kudale umonakalo nasesifundeni uMlazi okulimaze imiphumela yezingane,” kusho uSithole. UDlungwane uthe abasabi ukuthatha izinyathelo bamise izikhulu uma kukhona okungahambi kahle.
“Abanye baze bakhale bathi siyajaha ukuxosha uma kukhona esikusolayo,” kusho uDlungwane. Izinyunyana zothisha zike zakhala ngokuthi ziningi izikhulu eziphenywayo zimiswe emnyangweni okwenza kungabi nozinzo, ikakhulu njengoba ubhekene nezinkinga zemali ungakwazi ukukhokhela osonkontileka ngesikhathi.