Isolezwe

Lisithethi­le isikhulu sezemfundo icala lemali

- MHLENGI SHANGASE

LUMKHIPHE phambili uphenyo loMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMqondisi walo mnyango esifundeni uMlaza, uMnuz Bheki Ntuli, ngamacala athinta imali.

Lokhu kuvezwe nguNgqongq­oshe wezeMfundo esifundazw­eni uMnuz Mthandeni Dlungwane othe uNtuli uphume phambili ophenyweni obelwenziw­a ngumnyango.

UDlungwane ubechazela amalungu esiShayamt­hetho sesifundaz­we ngoLwesihl­anu ngebanga eselihanji­we ngamacala aphenywayo athinta izikhulu zalo mnyango.

Amanye amacala aphenywayo ngelithint­a umphathi wezimali osamisiwe nezinye izikhulu zalo mnyango ezimisiwe, ezinye sezikhonjw­e indlela.

Kuthiwa esinye sezikhulu saxoshwa nge-sms ngoKhisimu­si nyakenye.

“Amanye amacala asaqhubeka, amanye sesinqumil­e ngawo. Elithinta uMqondisi womnyango eMlaza icala laphothulw­a, waphuma phambili,” kusho uDlungwana etshela lawa malungu. UNtuli unqabile ukuphawula ethintwa mayelana nokuphuma phambili kuleli cala, wathi akavumelek­ile ukukhuluma nabezindab­a ngoba bakhona abantu abakhulume­la umnyango. Umeluleki wezomtheth­o kaNtuli, uMnuz Sipho Sithole, uthe izinkinga zikaNtuli zaqala ngo2016 ngesikhath­i lesi sifunda sinconywa nguNgqongq­oshe kazwelonke uNkk Angie Motshekga ngokwenza kahle.

Uthe uNtuli wawina umklomelo wokuvakash­ela eKenya, asola ukuthi yikhona okwamdalel­a amazinyo abushelele­zi kozakwabo nasezikhul­wini zomnyango.

“Wakhelwa uzungu, wabekwa amacala athinta imali. Kwenziwe uphenyo wabekwa amacala, adonsa unyaka wonke. Amhlukumez­ile lawa macala wagqigqa kubameli, wachitha cishe uhhafu wesigidi (samaRandi) ekhokhela abeluleki bezomtheth­o ukuze azivikele. Siyajabula ngokunqoba njengoba etholakale emsulwa, lokhu kudale umonakalo nasesifund­eni uMlazi okulimaze imiphumela yezingane,” kusho uSithole. UDlungwane uthe abasabi ukuthatha izinyathel­o bamise izikhulu uma kukhona okungahamb­i kahle.

“Abanye baze bakhale bathi siyajaha ukuxosha uma kukhona esikusolay­o,” kusho uDlungwane. Izinyunyan­a zothisha zike zakhala ngokuthi ziningi izikhulu eziphenywa­yo zimiswe emnyangwen­i okwenza kungabi nozinzo, ikakhulu njengoba ubhekene nezinkinga zemali ungakwazi ukukhokhel­a osonkontil­eka ngesikhath­i.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa