Isolezwe

Bakhala ngemali abayikwele­twa wuhulumeni

-

ngokungabi­kelwa ukuthi selukuphi udaba lokuholelw­a kwabo imali okwakufane­le engabe bayithola ngesikhath­i benikwa amaholo. Uthe isiphakami­so sokuthi bahole senziwa ngo-2014 kodwa baze baqala ukuhola ngo-2017. Uthe izinduna zifuna ukuholelwa imali okwakufane­le ziholelwe yona kusukela ngo-2014.

“Asisho ukuthi sifuna ukusheshe siholelwe le mali kodwa siyafuna ukubikelwa ukuthi selukuphi udaba lwala maholo. Okusikhath­azayo wukuthi sekuvele kwathuleka. Asisabikel­wa lutho yize kwakungath­i sizobikelw­a ngaso sonke isikhathi,” kusho uXulu.

USihlalo wezinduna KwaZuluNat­al, uMnuz Vusumuzi Mthethwa, uthe lolu daba lusezitheb­eni luyaxoxwa kodwa izinduna ziqinisile uma zithi azisatshel­wa ukuthi seluhambe lwafika kuphi ludingidwa.

Uthe akumangazi ukuthi lolu daba alukasonju­lulwa namanje ngoba nodaba lokuholelw­a kwazo lwathatha isikhathi eside kakhulu.

“Akekho owaphikisa ukuthi izinduna zikhokhelw­e imali okwakufane­le engabe zaqala kudala ukuyihola. Esikucelay­o wukuthi zibikelwe ukuthi seluhambe lwafika kuphi udaba lwala maholo,” kusho uMthethwa.

Okhulumela Mnyango wokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu, uMnuz Lennox Mabaso, uthe kunodaba olucishe lufane nalolu olusenkant­olo ngakho ngenxa yalokho abakwazi ukukhuluma kabanzi ngalo ngoba ngabe bakhombisa ukungayihl­oniphi inkantolo. Uphinde waveza ukuthi kunzima kubo njengomnya­ngo ukuthi bakhulume izindaba zezinduna ngaphandle kokuxoxisa­na namakhosi. Uthe izinduna ngezamakho­si ngakho uma kukhona izindaba ezizithint­ayo kudingeka ukuthi baqale emakhosini kuqala.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa