Isolezwe

Kuyalwe izigungu zezikole ngomsebenz­i

- MHLENGI SHANGASE

UNGQONGQOS­HE wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Mthandeni Dlungwane, usenxuse izigungu ezilawula izikole ukuthi kube yizona ezizogqugq­uzela ukuthula kunokuthi zibe phambili lapho kubhikishw­a khona.

UDlungwane usho lokhu ngoba kwezinye izikole izigungu ezilawula izikole yizona ezidala udweshu, zivale izikole ngoba zingeneme ngokuthile.

“Ngithanda ukunxusa izigungu zabazali ukuthi kube yizo ezizoqhamu­ka nezixazulu­lo. Sisizeni sixazulule zonke izinkinga ezibhekene nezemfundo,” kusho uDlungwane.

Ukusho lokhu ngesikhath­i ethula umkhankaso wokhetho lwezigungu ezilawula izikole oluzoqala ngoMashi 1 kuya kuMashi 31 eCarter High, eMgungundl­ovu, ngoLwesihl­anu. Lezi zigungu zizohlala iminyaka emithathu.

UDlungwane uthe uhlale ebuzwa ngokuthi ngabe abazali abangenazo izingane kuleso sikole kumele yini babe ngamalungu esigungu sabazali esilawula isikole.

“Yebo bangaba ngamalungu esigungu esilawula isikole. Isigungu singamthat­ha umuntu onamava abe yilungu laso. Kodwa lawa malungu awanalo ilungelo lokuvota,” kusho uDlungwane.

Uthe njengoba inhloso yabo kuwukufund­a nokufundis­a badinga izigungu ezizobheka­na nalokhu.

“Kudingeka siqhamuke namaqhinga okuthuthuk­isa imfundo. Umnyango uzoqeqesha izigungu ezizokheth­wa. Ngizolinde­la umbiko ngokuthi sekuhambe kwagcinaph­i ngokuqeqes­hwa kwezigungu.”

Uthe umsebenzi wezigungu zabazali wukuqinise­kisa ukuthi isikole siyathuthu­ka futhi kuyafundwa yini.

“Akuwona umsebenzi wezigungu ukuthi zibhekele ukusebenza kwansuku zonke kwezikole ngoba likhona ithimba labaphathi elisuke libhekele lokho. Umsebenzi wezigungu ukubhekana nezinto ezithinta imigomo, ukulawulwa kwemali yesikole, ukuphepha kwesikole nokuqinise­kisa ukuthi kuyafundwa. Akugwenywe ngayo yonke indlela ukuphazany­iswa kwezikole.”

Ubonge wonke amalungu ezigungu zabazali eseziphele­lwe yisikhathi wathi enze umsebenzi oncomekayo wokufukula isizwe ngemfundo.

 ?? Isithombe:SITHUNYELW­E ?? UNGQONGQOS­HE wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Mthandeni Dlungwane, ekhuluma ngesikhath­i kwethulwa umkhankaso wokukhethw­a kwezigungu zabazali eMgungundl­ovu
Isithombe:SITHUNYELW­E UNGQONGQOS­HE wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Mthandeni Dlungwane, ekhuluma ngesikhath­i kwethulwa umkhankaso wokukhethw­a kwezigungu zabazali eMgungundl­ovu
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa