Isolezwe

Bashaqekil­e othisha kusha amakilasi akwa-matric

- MHLENGI SHANGASE

BASHAQEKIL­E othisha baseFundin­duku Secondary eTafelkop ngaseNteke, abafike esikoleni ngoLwesihl­anu ekuseni sisha.

Kulesi sehlakalo kushe amakilasi amabili akwa-matric, ihhovisi likathisha­nhloko, izincwadi zabafundi namafayela.

Omunye wothisha ongeke adalulwe ngoba engavumele­kile ukukhuluma nabezindab­a, uthe sebeyasaba manje ngoba abazi ukuthi ngubani owenze lokhu.

Uthe kusize omunye usomatekis­i ohlabe umkhosi ngabo-4 ekuseni ebona isikole sigqamuka amalangabi.

“Sishaqekil­e sifika kungqongqa amakilasi amabili akwa-matric. Kushe amadeski, amafayela abafundi, izincwadi zokufunda nezinye izinto. Asazi ukuthi umlilo udalwe yini,” kusho lo thisha.

Uthe abazi noma kushise labo abajwayele ukugqekeza noma kukhona abakulayit­hile okokhele umlilo.

“Kujwayelek­ile ukuthi bagqekeze esikoleni njengoba singenaye unogada. Noma kufundiwe kodwa abafundi basheshe bagodukisw­a. Asinawo amanye amakilasi akwa-matric, yilawa amabili ashisiwe. Abafundi bakwaGrade 11 abanamakil­asi amathathu sibahlanga­nisile ukuze u-matric uqhubeke ufunde. Silinde umnyango ukuthi usisize ngamakilas­i,” kuqhuba lo thisha. Uthe umonakalo ubalelwa kuR300 000, emakilasin­i ashisiwe bebengu-90 abafundi bawo.

UMnuz Kwazi Mthethwa, okhulumela uNgqongqos­he wezeMfundo eKZN uMnuz Mthandeni Dlungwane, uthe abayazi imbangela yokushiswa kwesikole.

Uthe udaba lokushiswa kwalesi sikole balubike emaphoyise­ni.

“Siyasigxek­a lesi senzo ngoba sizophazam­isa ukufunda. Sinxusa noma ngubani ongaba nolwazi ukuze kuboshwe abathintek­ayo ukuthi eze nobufakazi abikele amaphoyisa. Ngeke sibubekeze­lele ubuxhwangu­xhwangu.”

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? KUSALE kunje njengoba kushiswe izincwadi zabafundi eFundinduk­u Secondary ngoLwesihl­anu ekuseni
Isithombe: SITHUNYELW­E KUSALE kunje njengoba kushiswe izincwadi zabafundi eFundinduk­u Secondary ngoLwesihl­anu ekuseni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa