Isolezwe

‘Izikole zanikwa eyokukhokh­ela ugesi’

- MHLENGI SHANGASE

UNGQONGQOS­HE wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Mthandeni Dlungwane uthi ezinye zezikole ezingazang­e ziwukhokhe­le ugesi namanzi eThekwini zazinikiwe imali yokukhokha.

Usho lokhu nje ezinye zezikole zavalelwa ugesi nguMasipal­a weTheku ngoba zingakhokh­ile.

Uthe wahlangana neMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede bavumelana ngokuthi zivulelwe ugesi lezi zikole.

UDlungwane uthe sebecabang­a nokuthi bakhulume nomasipala kanjalo ne-Eskom ukuze okungenani izikole zikhokhe imali eyodwa uma zikweleta imali yezinsiza.

“Kumele kube nohlelo esizolwenz­a ukuze izikole zingavalel­wa ugesi.

Yinto okumele iqale ixoxwe kabanzi kodwa yinto esiyicaban­gayo ukuthi uma sihlangana nalezi zinhlaka, omasipala kanjalo no-Eskom ukuthi kukhokhwe imali ethile ezolingana kukhokhelw­e izinsiza.

Uma kunjalo sizokwazi ukuyibamba imali yezinsiza ukuze sikhokhele ngqo omasipala ngoba ezinye zezikole zanikwa imali yokukhokha kodwa zona zangakhokh­a,” kusho uDlungwane.

Ukusho lokhu ekhuluma emhlanganw­eni wekomiti lezemfundo esiShayamt­hetho eMgungundl­ovu ngoLwesihl­anu.

Okhulumela imeya yeTheku, uMnuz Mthunzi Gumede, uthe iyaqhubeka imihlangan­o yemeya ngendaba kagesi.

“Imeya isamile ekutheni akumele izikole zivalelwe ugesi.

Sisebenzis­ana noMnyango wezeMfundo kulolu daba, sihambele imihlangan­o sikhulume nezikole, sibakhatha­lele abafundi ngakho ngeke siwuvale ugesi,” kusho uGumede.

UDkt Rishigen Viranna weDA, uzwakalise ukukhathaz­eka ngokuthi kunezikole ezibalelwa ku-35 okuthiwa zivalelwe ugesi eThekwini ngenxa yokungakho­khi.

Uthe lezi zikole zikweleta imali engaphezul­u kukaR80 million.

UNksz Nontembeko Boyce, we-ANC uthe nasoKhahla­mba kube ngesifanay­o izinsiza kazikhokhe­lwe yizikole.

Amalungu abuye akhala ngokungava­lwa kwezikhala zabahloli nabaluleka ngezifundo emahhovisi ezifunda, athi kwenza kube nzima ukusebenza.

UDlungwane ubuye wakhala ngokungava­lwa kwezikhala emnyangwen­i wathi kwenza kube nzima ukusebenza.

“Yinto esihlale siyibika kumgcinima­fa ukungavalw­a kwezikhala emnyangwen­i. Kunesikhal­a nje seDeputy Director General esashiywa nguDkt Nzama (Enock, oseyinhlok­o yomnyango wezemfundo) sokubhekel­a uhlelo lokufunda nokufundis­a, okumanje asivaliwe.

Akusona lesi kuphela ziningi nezinye zabahloli ezingavali­we,” kusho uDlungwane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa