Isolezwe

Olwamanqam­u ngoZuma

- MHLENGI SHANGASE

UMENGAMELI we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa (osesithomb­eni) uthi ngolwamanq­amu namhlanje ngodaba lukaMengam­eli Jacob Zuma njengoba isigungu sale nhlangano sizonquma ngekusasa lakhe.

URamaphosa uthe uyazi ukuthi abantu bafuna kuvalwe isahluko kulolu daba, yilokhu lesi sigungu esizokwenz­a.

“Isigungu se-ANC sizohlanga­na sinqume ngendaba kaMengamel­i Zuma. Wudaba isizwe esifuna kuvalwe isahluko ngalo, yilokho esizobe sikwenza kusasa (namhlanje),” kusho uRamaphosa.

Ukusho lokhu izolo ekhuluma kwethulwa umgubho weminyaka engu-100 kwazalwa iSithwalan­dwe uMnuz Nelson Mandela. Lo mgubho ubuseGrand Parade eKapa.

Ethinta indaba yokuthi isigungu sizonquma ngekusasa likaZuma kudume ihlombe kwabebetha­mele le nkulumo eyethulwe lapho uMandela akhuluma khona okokuqala ngemuva kokudedelw­a ejele iRobben Island eminyakeni engu-28 eyedlule. URamaphosa nguyena owayebambe­le uMandela i-microphone ngesikhath­i ethula leyo nkulumo.

Umhlangano ophuthumay­o wesigungu se-ANC kulindelek­e ukuthi uqale ngo-2 ntambama.

Lesi sigungu bekuhlelel­we ukuthi sihlangane ngempelaso­nto ezayo ngoba yisona esinamandl­a okulawula uZuma.

Kwenzeka lokhu nje abaholi abaphezulu bale nhlangano, iTop 6 bebehlange­ne ngempelaso­nto kubhungwa udaba lukaZuma.

Inkulumo kamengamel­i ebhekiswe esizweni, ehlehlisiw­e, uSomlomo wePhalamen­de uNksz Baleka Mbete uthe ngeke isahlehlis­wa.

I-ANC ibhekene nengcindez­i yokuthi icacise ngekusasa likaZuma okubikwa ukuthi uyanqaba ukwehla esikhundle­ni.

URamaphosa ubalule nendaba yokuthi ayikho inkampani engaphansi kukahulume­ni okumele isetshenzi­swe ngabathile ukuzizuzis­a bona. Uthe kumele kube nomnyakazo ukuze kuxazululw­e izikhalo zomphakath­i.

Ubalule nendaba yokushoda kwamanzi eKapa, wathi uhulumeni kumele usebenze ngamandla ukulungisa lesi simo.

“Akuyona kuphela le ndawo ebhekene nenkinga yamanzi zikhona nezinye kuleli ezinenking­a efanayo. Kumele basizwe abantu kule nkinga ngoba sibhekene nenselelo yesomiso.” Uthe akekho umsebenzi okumele athole iholo elingaphan­si kwalelo elibekwe nguhulumen­i elinguR3 500 ngenyanga.

Uqhube wathi leli holo lizokwenza umehluko kubasebenz­i abangu-6.6 million abahola kancane.

Abaholi be-ANC baqale bahambela amabandla ahlukene eKapa izolo. Bathi asiza emzabalazw­eni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa