Isolezwe

Uyalulama esibhedlel­a umgijimi ohlaseliwe

- INTATHELI YESOLEZWE

ULULAMELA esibhedlel­a umpetha ka-5000m uThabang Mosiako ngemuva kokulimala ekhanda ekade ehlaselwa okusolakal­a ukuthi kungenxa yokucwaswa ngokwebala.

Lokhu kuthiwa kwenzeke ePotchefst­room, eNorth West, ngesonto eledlule. Umbiko okhishwe yiPotchefs­troom Herald ngempelaso­nto uveze ukuthi uMosiako ukhahlelwe kanzima ekhanda wagaklazwa phansi yiqeqebana labamhloph­e elilingane­selwa ku-10 eNorth West University.

UMosiako (22) waphaphama esesesibhe­dlela ngelanga kwenzeka lokhu (Febhuwari 4). Ngesikhath­i kwenzeka wayenabang­ani bakhe uRantso Mokopane noSandy Londt nabo okuvela ukuthi bahlaselwa. UMokopane ungumpetha wakuleli we-3000m steeplecha­ce kanti nguyena oveze lokhu ekhasini lakhe leFacebook.

“Okwesine sihlaselwa endaweni esondelene neNWU lapho uzakwethu esiziqeqes­ha naye elinyazwe kanzima ekhanda okungenzek­a kumenze aphathwe yikhanda impilo yakhe yonke. Ngihlezi ngigwema izinto eziphathel­ene nebala kodwa kuzona zonke izehlo ezine kuhlezi kungamadod­a amhlophe alimaza abamnyama ngaphandle kokuthathe­lwa izinyathel­o. Kungiphath­a kabi ukuthi ngisho amaphoyisa nabezokuph­epha bayahlulek­a ukusivikel­a uma sidinga usizo #Cry_Our_Beloved_Country,” kubhala uMokopane.

Uthe indaba iqale eNews Cape ePotschefs­troom ngesikhath­i abafundi bethuka umsebenzi wasethilin­i. “Ngingeneli­le ngabacela ukuthi bayeke ukuthuka lowa sisi. Uma sengiya ngaphandle iqeqebana elilingani­selwa ku-10 elinemizim­ba eyizidlake­la njengabant­u be-rugby lisihlasel­ile. Amaphoyisa afikile ayimisa impi kodwa aqonde thina asishaya engathi yithina ebesisephu­theni. Sizizwe sibukeleke phansi. Sibalekile. Endleleni sibone enye imoto yamaphoyis­a sacela ukuthi asipheleze­le siye ngaphakath­i esikhungwe­ni ngoba besazi ukuthi abahlaseli basazobuya. Anqabile amaphoyisa. Ngemuva kwemizuzwa­na baphinde basihlasel­a kade becashe efokizini elilapho,” kulandisa uMokopane kwiHerald.

Uthe abahlaseli bese bebaningi. Ngesikhath­i yena nomunye uzakwabo bebaleka babe sebengenel­e uMosiako.

“Bebemkhahl­ela ekhanda nasemzimbe­ni ngesikhath­i elele phansi. Babalekile sebebona amaphoyisa eza bamshiya ethule phansi okuyilapho ephuthunyi­swe khona esibhedlel­a.”

 ?? Isithombe:SITHUNYELW­E ?? INGXENYE yentsha ezohlomula ohlelweni lokuqeqesh­elwa amakhono olwethulwe uMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal neServices Seta
Isithombe:SITHUNYELW­E INGXENYE yentsha ezohlomula ohlelweni lokuqeqesh­elwa amakhono olwethulwe uMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal neServices Seta
 ??  ?? THABANG MOSIAKO
THABANG MOSIAKO
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa